LIZITHINTELE ikhansela lakuMasipala waseThekwni elithe ubhubhane iCorona lwandiswa yimibhoshongo yobuchwepheshe bamaselula, i5G.
Ikhansela lakuward 24, uMnuz Sifiso Mngadi, lizoqondiswa ubugwegwe emva kokuthi kusabalale inkulumo yalo eqoshiwe lapho likhuluma ngokuthi igciwane lisatshalaliswa yimibhoshongo ye-5G.
I-ANC KwaZulu-Natal nehhovisi likasomlomo kuMasipala waseThekwini, sebebize uMngadi ukuba azochaza ngezinsolo azenze ngenkulumo.
I-ANC ichaze inkulumo kaMngadi njengomsangano kanti ihhovisi likasomlomo eThekwini lithe inkulumo iyadukisa.
Kepha uMngadi uthe akazisoli nakancane ngale nkulumo yakhe wathi futhi usamile kwakusho kule nkulumo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma neSolezwe, uMngadi uthe inkulumo wayeyithumelele amakhansela e-ANC eqoqweni lawo elisezinkundleni zokuxhumana, emosontweni amabili edlule.
“Kwakuyisiphakamiso sokuthi kunganjani sibize zonke izinkampani ezinkulu zamaselula nobuchwepheshe, sibacele baqaqe yonke imibhoshongo ye-5G, sibone ukuthi ngeke yini kube ngcono.
“Kungani thina singabukeli kwamanye amazwe asezwenikazi i-Afrika? Amanye amazwe ase-Afrika awanalo leli gciwane ngoba awanayo imibhoshongo ye-5G.
“Akusizi ukuthi sithule ngoba sizofa, siyafa siyaphela. Sizohola bani uma sithula njengabaholi sibona abantu befa?”
UMngadi uphinde wathi abamhlophe bawuthola umgomo wokuzivikela kuleli gciwane ngaphambi kokuthi liqale.
“Umgomo wawulethwe amaloli ePavalion. Kwakukhona ngisho abelungu ababesuka koFree State, abanye besuka koVryheid nakoXobho.”
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe yimbundane ekhulunywa uMngadi.
“Umsangano lona. Ayikho le nto ayishoyo. Akushoyo akusiwo umbono we-ANC, kodwa umsangano wakhe.”
UNtombela uthe ihhovisi likanobhala wesifundazwe selimbhalele uMngadi limbizela emhlanganweni wokumqondisa ubugwegwe.
Usomlomo kuMasipala waseThekwini uNkk Weziwe Thusi, uthe iyadumaza inkulumo kaMngadi.
“Kuyakhathaza ukuthi umholi okufanele engabe ufundisa umphakathi, udukisa umphakathi ngenkulumo engamanga.”
UNkk Thusi uthe uzohlangana noMngadi ukuze acacise ngenkulumo yakhe.