LIZONGENA okokuqala kusasa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, icala lokubulawa kowayenguNobhala-Jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa, owaseyikhansela kuMasipala uMzimkhulu. Udaba laqala eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, ladlulela eScottburgh kanti ngenxa yobucayi balo kwaphoqa ukuthi lulalelwe enkantolo enkulu.
Leli cala ligcine enkantolo ngo-Okthoba wonyaka odlule, lapho abasolwa bavele bathushuka nabameli abasha ngesikhathi sekufanele kuqale ukuqulwa kwecala, kwaphoqa ukuthi lihlehle. Kwathiwa kunikezwa abameli ithuba lokucubungula icala futhi nokuzilungiselela. Kulindeleke ukuthi kusasa kubhungwe ngokuthi lizoqulwa nini leli cala eladonsa amehlo abantu abaningi ezweni.
Icala lokufa kukaMagaqa lingena nje, njengoba kuwuJulayi kusho ukuphela kweminyaka emine uMagaqa, wahlaselwa ngentululwane yezinhlamvu e-Ibisi, eMzimkhulu ngakubo. Wahlaselwa ehamba namanye amakhansela amabili agcina esindile wona kanti yena kwagcina kumenele ngoSepthemba, esesibhedlela Inkosi Albert Luthuli, eThekwini.
Abasolwa abathathu bangoMnuz Sibonelo Myeza, owayiphoyisa ophikweni lweTactical Response Team (TRT) oludume ngamabherethi, usomabhizinisi wamathenda uMnuz Mbulelo Mpofana noMnuz Mlungisi Ncalane okuthiwa uyinkabi. Abanye ababeboshwe nabo kwakuwumufi uMnuz Mluleki Ndobe, owashona amacala akhe esahoxiswa kudala kanti kwakukhona noMnuz Zweliphansi Sikhosana, imenenja kaMasipala eMzimkhulu nayo eyakhishwa, kwahoxiswa icala.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa, iNPA KwaZulu-Natal uNkk Natasha Ramkisson- Kara uthe nakanjani udaba kulindeleke ukuthi lungene kusasa eMgungundlovu.
UMagaqa kusolwa ukuthi wafela ukuphikisana nenkohlakalo okuthiwa ibidla lubi kumasipala waseMzimkhulu kanti eqhulwini kwakuvela udaba lokwakhiwa kwehholo eladla izigidi.