KWAMUKELWE nxa zonke ukunyuka kwemiphumela ka-matric ngo-6% KwaZulu-Natal njengoba ibilokhu yehla iminyaka ilandelana.
Bekubanjwe umoya izolo ntambama ngesikhathi uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga ememezela ukwenyuka kwemiphumela yalesi sifundazwe yaba ngu-66.7% isuka ku-60.7% ngo-2015.
Izinyunyana zothisha iNatu neSadtu zikushayele ihlombe ukunyuka kwephumela zithi othisha basebenzile.
IPhini likaNobhala weSadtu esifundazweni, uMnuz Bheki Shandu, lithe bajabule kakhulu ngokunyuka kwemiphumela futhi bahalalisela othisha ngoba konke lokhu yimiphumela yokuzikhandla kwabo.
“Othisha badele amaholidi, bevuka ekuseni, behlala noma sekuphume isikole bafundise izingane. Siyabonga nabafundi ababambisane nothisha basebenza ngokuzikhandla ngoba konke lokhu kungenxa yokubambisana okuhle. Siyabonga ukuthi sinyukile isibalo sokuphasa kwabafundi ngoba i-KZN yisifundazwe esihlukile kwezinye hhayi ngobuningi babafundi kodwa ngokuthi bayagqugquzelwa ukuthi benze iMaths neSayensi,” kusho uShandu.
Uphinde wabonga umnyango ngohlelo lwabo olubizwa ngeBounce Back aveze ukuthi beluqeqesha othisha lubacije ngamasu amasha okufundisa.
“Othisha bebeqeqeshwa basizwe ngamakhono amasha okufundisa, ukusetha amaphepha nawokugqugquzela abafundi, Siyabonga ukuthi umnyango utshale imali eningi ohlelweni lokuthuthukisa imfundo ukuze iKwaZulu-Natal ibuyele esicongweni. Asifani noWestern Cape abajaha izibalo eziphezulu zabafundi abaphasa * -matric bengayenzi iMaths neSayensi,” kusho uShandu.
Unxuse abomnyango ukuthi babheke nezifunda ezingenzanga kahle babheke ukuthi kungani lungekho uzinzo.
UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe othisha yibona abanyuse izinga lokuphasa ngokusebenza ngokuzikhandla.
“Ngaphandle kothisha akukho obekungenzeka. Kusale kancane ukuthi sifinyelele ku-10% wokunyusa izinga lokuphasa. Mihle imiphumela yize kusekhona izinto eziningi ezingakalungiswa,” kusho uThompson.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ongene ngoJuni nyakenye esikhundleni wathi bafisa izinga linyuke ngo-10% ngoba akeneme ngokuthi imiphumela ibilokhu yehla unyaka nonyaka.
Abafundi bangathola imiphumela yabo ku:www.iol.co.za/news/matric-results.