KUHLEHLISELWE ikusasa ukuqulwa kwecala elibhekene namaphoyisa amane ekubalwa nowayeyiphini lomkhuzi wamaphoyisa eNorth West, uMajor-General William Mpembe.
Leli cala bekulindeleke ukuba liqhubeke liqulwe eNkantolo eNkulu yase-North West namhlanje kodwa kwangenzeka, njengoba abammeli babasolwa becele isikhathi ukuze babheke imiqulo ethize abayithole kumbuso.
UMpembe, noMnuz Gideon van Zyl, uDingaan Madoda no-Oupa Pule babhekene namacala okuphazamisa ukusebenza kombuso.
Lamaphoyisa amabe aboshwa kulandela uphenyo lwe- Independent Police Investigative Directorate (Ipid), elathola ukuthi umsebenzi wasemayini uMnuz Modisaotsile van Wyk Sagalala, washone wayesezandleni zamaphoyisa, engekho esibhedlela noma endaweni yesigameko lapho amaphoyisa adubula abantu abangu-34 emayini yaseMarikana ngo-Agasti 12 2012. Abasebenzi basemayini babetelekile befuna ukuthola iholo eliqala ku-R12 500 ngenyanga.
Umbuso uthole ukuthi laba baqamba amanga kwikhomishini ka-Farlam, ekwakuphenywa kuyo ngokubulawa kwabasebenzi bemayini, baphinde bahluleka ukubika ngokushona kuka-Sagalala. Ngaleyondlela baphazamisa ukusebenza komthetho, ngoba bethi wayeshonele esibhedlela. I-Ipid yabe isiphenya, kwavula icala ngoFebhuwari 2017, laba baboshwa ngoMashi 2018.