ICALA lowayengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Bathabile Dlamini, lokuqamba amanga, lihleliselwe u-Okthoba 1 nonyaka. iUDlamini uvele izolo enkantolo yaseGoli.
Icala lakhe limayelana nobufakazi bakhe abethula eNkantolo yoMthethosisekelo ngodaba lwesixakaxaka sokukhokhelwa kwabantu isibonelelo sikahulumeni.
IJaji uBernard Ngoepe, lathola ukuthi indlela yokuziphatha kwalo mholi yaba nobudedengu nokungaqikeleli, labe seliyalela ukuba akhokhe inzidleko zecala.
UDlamini wakhokha u-R650,000, enhlanganweni eyamyisa enkantolo.
Wayiswa enkantolo umqondisi kwezokushushisa eGauteng.
Ngokwecala babheka ubufakazi abethula ngo-2017 ngakwenza ngokuholelwa kwabantu impesheni.
Ekuqaleni kuka-2018 ijaji uNgoepe, labona kunesidingo sokuba kuvulwe icala kumthethosisekelo.
Ijaji lathola ukuthi akazange nje ahluleke ukwenza umsebezi wakhe ngendlela kodwa wabuye wahluleka ukuveza lonke ulwazi ngokwakwenzeka.
Kwatholakala ukuthi wayengeyena ufakazi onosizo njengoba ayephendula ngokuthi angazi noma athi akakhumbuli uma ephonswa imibuzo ebucayi.
NgoSepthemba 2018 iNkantolo yakhipha isinqumo, yathola uDlamini ebudedengu.