UTHOBEKE amanxeba umndeni wowesifazane waseNorthdale eMgungundlovu, ngokugwetshwa udilikajele kwesoka lakhe eliyiphoyisa elambulala eminyakeni emithathu edlule.
USipho Chonco (35), waseGreytown, izolo ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uNksz Wendy Dlamini (29) eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Ibamba leJaji uPoobie Govindasamy lethula isigwebo, lithe leli phoyisa labulala lo wesifazane ngesihluku engakwazi ukuziphindiselela, lathi kumele kwenziwe ngaye isibonelo ukuthi umuntu ohlukumeza abesifazane uyajeziswa kanzima inkantolo.
“Usebenzise isihluku nobulwane ubulala umufi. Okubuhlungu ngaleli cala ukuthi nanithandana nomufi, nilungiselela ukuba nishade. Nangelanga owambulala ngalo, nginesiqiniseko sokuthi wayengacabangi nje ukuthi uzofa. Njengomama owayenengane encane engahlali nayo, wayebheke ukuba abone ingane yakhe. Wayesaqeda ukugeza nje, wabe usumthatha uthi niyoxoxa. Ngeke esakwazi ukukhulisa izingane zakhe, azinike uthando lukamama ngoba wahlangana nawe, wakuthanda wena wabe usumbulala.Waqeda zonke izinhlelo zakhe zokuba aphile. Ukhuluma ngokuthi wawufuna nixoxe naye ngelanga lesigameko, ukube wawufuna ukuxoxa naye ngabe wakwenza lokho kubo, ephephile. Kodwa wamthatha wambulala, wamlahla emgwaqweni wabe usutshela abomndeni ukuthi isidumbu sakhe usilahle kuphi. Kuze kube manje inkantolo ayisazi isizathu sokuthi kungani wagcina umbulele, sekuyohlala kunembeza nasemqondweni wakho lokho. Ziyanda izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane abantu abasuke bethi bayabathanda njengawe, kumele inkantolo ikugwebisise ukuze nabanye abasacabanga ukwenza lokhu bakuyeke. Inkantolo ikugweba udilikajele ,” kusho iJaji Govindasamy.
Ngaphandle kwenkantolo abomndeni, abangani nezihlobo babonakale bekhala.
Okhulumela umndeni uMnuz Meshack Dlamini, uthe bajabule ngesigwebo yize singeke sisamvusa umshana wakhe.
“Sanelisekile ngesigwebo siwumndeni yize besifisa ukuthi anikwe esinye isigwebo nje ngokumosha isikhathi sethu siwumndeni nesenkantolo kulokhu kuqulwa icala ekubeni yena azi ukuthi wenzani. Usimoshele iminyaka emithathu yonke sihamba icala esizwisa ubuhlungu ngoba besilokhu sitshelwa ngokufa kuka-Wendy,” kusho uDlamini.
Ebuzwa ngengane encane kamufi nombulali uthe isencane kakhulu njengoba unina wabulawa inezinyanga.
Zonke nje izingane zika-Wendy zisezincane ukuba singazichazela ukuthi unina wabulawa ubani, wambulala kanjani,” kusho uDlamini.
Umufi wayenezingane ezintathu, eyokugcina kwakuyingane yakhe noChonco.