MCEBO MPUNGOSE
INGQUNGQUTHELA yengculazi i-International Aids Conference izobuya kuleli ngenyanga ezayo ihambisana nezihlabani ezimbili zaphesheya uQueen Latifah noCommon. Yagcina ukuba eNingizimu Afrika eminyakeni ewu-15. kulokhu izoba sedolobheni laseThekwini ngoJulayi 16.
UCommon noQueen Latifah bazojoyina amanye amaciko akuleli okubalwa kuwo iMi Casa neBig Nuz eSahara Stadium Kingsmead. Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala kanti ngemuva kwawo kuzolandela imashi edolobheni laseThekwini, okuhloswe ngayo ukuthi kuxhaswe izinhlangano nezibhedlela ezisiza abanesifo sengculazi.
Abahleli bomcimbi, i-Aids Healthcare Foundation (AHF), bathe ingqungquthela izohambisana nesiqubulo esithi Keep the Promise 2016. Kuzobe kungokokuqala uQueen Latifah ehambela eNingizimu Afrika.
uQueen Latifah, ophinde abe ngumrepha, uzakhele udumo ngamafilimu okubalwa kuwo i Set it Off, Bringing Down the House neChicago. Ekhuluma ngokuza kuleli uthe: “ngikujabulele kakhulu ukuba kuKeep the Promise eNingizimu Afrika futhi ngikuthokozele kakhulu ukuhamba ngaphansi kohlelo olufana nalolu.” UCommon yena kuzobe kungokokuqala enandisa kuleli noma eseke wavakasha. UCommon, osanda kunqoba i-Academy Award noJohn Legend ngeculo labo i Glory, uzakhele udumo e-United States ngeculo i Go nelithi Come Close.