NOKUBONGWA PHENYANE
UMASIPALA weTheku uthi uzophenya ngezithombe zomcimbi ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho bekubonakala khona isiminyaminya sabantu abebengafake zifonyo emicimbini emibili ebiyenziwe uMnyango wamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kulo mkhandlu.
Lo mnyango oholwa uMnuz Thembinkosi Ngcobo, bewenze umcimbi owaziwa ngeCultural and Heritage Celebration, obungoMgqibelo KwaMashu kwathi ngeSonto waba seFolweni.
Kule micimbi bekukhona abaculi abehlukene okukhona kubo uQhoshangokwenzakwakhe, Afrosoul, Gadla Nxumalo, Khuzani nabanye.
Ababone izithombe bebekhala ngokuthi bekugcwele kakhulu, kungekho ukuqhelelana ekubeni kuseneCovid-19.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kukhona ozakwabo bakwaNgcobo abangajabulanga bebona izithombe, bakhala ngokuthi zizofaka umasipala ekukhulumeni.
“Zithusile izithombe ekubeni kwaziwa kahle ukuthi igciwane lisekhona, futhi kwezinye izifundazwe siyanda isibalo sabahaqekayo. Ngesikhathi zibonakala ozakwabo emkhandlwini bakhale kakhulu ngazo njengoba kungabonakalanga abebefake izifonyo,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi izimenywa kule micimbi, okubalwa nabathwebuli badonswa ngendlebe ukuthi lezi zithombe abangazifaki ezinkundleni zokuxhumana ngoba zingabadonsela amehlo abantu.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe yize engakaziboni izithombe, kodwa bazoxhumana nomnyango ukuze bezwe ngokwenzekile.
“IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda, ingomunye wabaholi abahamba phambili ekushumayeleni ivangeli lokuthi abantu abaphephe kuMasipala weTheku njengoba kwaziwa ukuthi kusekude ukuthi kuphele ukulwa nesihlava segciwane. Sizophenya ngokwenzeke emcimbini, siphinde sixhumane nomphathi wakwaPRC ubaba uThembinkosi Ngcobo,” kusho uMayisela.
Imizamo yokuthola uNgcobo ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, nomyalezo athunyelelwe wona ugcine engawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
THEMBINKOSI Ngcobo