WILLEM PHUNGULA
UNGOTI wamasiko, uSolwazi Sihawu Ngubane, uthi kuzomele sibekwe masinyane Isilo esisha ukuze kugwemeke umbango osuwukhondolo eNdlunkulu kaZulu.
UNgubane obhekele ezamasiko eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ubephawula emva kwezindaba kokuguqa kweBambabukhosi, uNdlunkulu uMantfombi MaDlamini Zulu, ngoLwesine. Uthi kungaba yisu elihle kusheshe kudlulwe endabeni yozolandela, kungalindwa isikhathi sokuzila ngoba lokho kuzovusa umbango ovele ubukeka uqhubeka ngaphakathi endlunkulu.
UNgubane uthi indlunkulu kumele ilungise izinto, iqede ukhondolo njengoba sekungathi yinto esemthethweni ukubangwa kwesihlalo sobukhosi kuyo kwazise nombumbi wobukhosi uShaka wabudla ngejozi.
Uthe okusempeleni kwaZulu akukaze kube lula ukungena esihlalweni njengoba noShaka bamcoboshisa ngomkhonto kanti noCetshwayo kwadingeka ukuba abulale umfowabo uMbuyazi ukuze aphathe.
Yize amakhosi alandele emva kukaCetshwayo engabudlanga ngejozi ubukhosi kodwa uNgubane uthi nakuwona akubanga lula njengoba ubukhosi buhlezi bubangwa, hhayi KwaZulu kuphela.
"Siyawethemba amazwi ashiwo nguMntwana waKwaPhindangene ukuthi ngeke kube isikhathi eside isikhundla singenamuntu. Nathi siluleka ukuthi limenyezelwe masinya igama lozongena esihlalweni ukuze kugwemeke umsindo," kusho uNgubane.
Uthe wethemba ukuthi ikhona incwadi ebhalwe nguNdlunkulu oguqile ngoba uma ingekho kobe kusho ukuthi kungenzeka ukuthi ozongena kungabe kusaba ngowaKwaKhangelamankengane.
"Uma ingekho incwadi yefa ebhalwe nguNdlunkulu obeyiBambabukhosi, umndeni uzohlangana uqoke Isilo esisha kodwa kumele kulindelwe ukuthi sekungaba noma iliphi izinyane," kusho uNgubane.