SIMPHIWE NGUBANE
KULINDELEKE sikhule isibalo sababoshwayo ecaleni lenkohlakalo, ukukhwabanisa, nokushintshana ngemali ngokungemthetho elithinta ithenda kaR47 million yezindawo okwakuhlaliswe khona amaphoyisa KwaZulu-Natal ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010.
Uphiko lwabaphenyi i-Investigative Directorate (ID) leNational Prosecuting Authority (NPA) lithi lizobopha abanye abahlanu phezu kwabantu abane eselibabophile ngaleli cala.
Kwababoshiwe kukhona owayengukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uNkk Mmamonnye Ngobeni, ababengamaphoyisa uColonel Navin Madhoe noCaptain Aswin Narainpersad nosomabhizinisi uMnuz Thoshan Panday.
Kusolwa amaphoyisa ngokuhlangana noPanday ukuze athole ithenda. UNkk Ngobeni unukwa ngenkohlakalo ngoxhaso alunikwa uPanday ngomcimbi wosuku lokuzalwa komyeni wakhe. Kuthiwa akakudalulanga lokhu okuyinto elindelekile emaphoyiseni futhi usolwa ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Icala lalaba basolwa abane beliseNkantolo eNkulu eThekwini ngoMsombuluko lahlehliselwa uMeyi 27 okuwusuku abayovela ngalo nabasolwa abahlanu okulindeleke baboshwe.
Laba basolwa abane bebengekho siqusabo enkantolo kodwa bebemelwe ngabameli babo.
Okhulumela i-ID, uNksz Sindiswe Twala, uthe abasolwa abahlanu bazoboshwa noma kunini, bese bevela okokuqala enkantolo yesiFunda eThekwini ngoMeyi 7.
UNksz Twala uthe bobayisishiyagalolunye abasolwa bazobe sebevela ndawonye enkantolo enkulu ngoMeyi 27. Uthe abazoboshwa babesebenzisana noPanday.
“Icala lithinta izinsolo zenkohlakalo ethinta ukuqashwa kwendawo okwakuhlaliswe kuyo amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010,” kusho uNksz Twala.
UPanday usolwa nangokuhlangana noMadhoe, bazama ukufumbathisa uR2 million owayeyinhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uGeneral Johan Booysen, ukuze anyathele ngezinyawo uphenyo ngabo.
UPanday ungaphandle ngebheyili kaR100 000, uNkk Ngobeni wakhululwa ngekaR20 000, uMadhoe noNarainpersad banikwa ekaR10 000 umuntu emunye. Bonke bazinikela emaphoyiseni ngo-Okthoba nyakenye.
I-ID ithi seyanikwa nesitifiketi sokuba yengeze icala lokushintshana ngemali ngokungemthetho yinhloko yeNPA, u-Advocate Shamila Batohi, njengoba ikholelwa ukuthi kwahlalwa phansi kwahlelwa ukuqhutshwa kwalo mshikashika.
Kulindeleke kubizwe ofakazi ababalelwa ku-184 kuleli cala.