AMAQEMBU ezepolitiki aphikisayo kuMasipala waseThekwini, asola i-ANC ngokuhlinzela ezibini amakhulu abasebenzi abaqashwe ngaphansi kohlelo i- Expanded Public Works Programe (EPWP).
Sekubikwe ukuthi bazohola okokugcina ngokuphela kwale nyanga ngoba kuthiwa kuvunyelwane ngokuthi zingavuselwa izinkontileka zabo, umasipala ubalisa ngezindleko.
Encwadini eputshukile, ebibhalelwe iziphathimandla zangaphakathi kumasipala ezibhekelele lolu hlelo, kuvela ukuthi emhlanganweni obungenyanga edlule, kwadingidwa ukuthi uhlelo oluphethwe wuMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ludla R297 million ngonyaka kumasipala. Kuthiwa isibonelelo salo mnyango esinekezwa umasipala sincishiswe safinyelela kuR18.7 million, okusho ukuthi umasipala kumele ubeke eceleni uR278.3 million wokuhlangabeza izindleko.
Kule ncwadi kubhalwe ukuthi imenenja kamasipala nesikhulu esiphezulu esibhekelele ukusebenza kwezimali kuwona baveze ukuthi ayikho imali okuholele ekutheni kunqunywe ukuthi ngo-Julayi, 25 nonyaka bonke abasebenzi abangaphansi kwalolu hlelo bazohola okokugcina.
I-ActionSA ne-EFF, bathi lokhu kuzoshiya inqwaba yabantu ingenawo umsebenzi nedolobha iTheku nezindawo ezakhelene nalo zisesimeni esingesihle ngoba umasipala awunabo abasebenzi abenele ukubhekana nemisebenzi okubalwa kuyo ukugcina idolobha lihlanzekile.
UMnuz Themba Mvubu we-EFF, uthe lokhu kuyaziveza ukuthi uhlelo lolu lwalubanjwe ngamabomu yi-ANC ngenhloso yokunxenxa amavoti, emva kwalokho uhulumeni wobumbano okhona usuqalile ukukhombisa ukuthi awunendaba nabantu.
“Lena yimali yesibonelelo eqhamuka ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke kuhulumeni omkhulu. Kuza kanjani ukuthi kwandiswe isibalo songqongqoshe kwikhabhinethi okuzodla ama-billion, bese kuqedwa imisebenzi ebantwini abayidinga ngempela ukuxosha ikati eziko? Esikhathini esinzima kakhulu kubantu bakithi abayizinkulungwane, ababhubhiswa yinkemane ukuze kudle iziqumama ziqhubeke nokuphila ntofontofo ngoba nakhu ukhetho seludlulile sebeqalile bayaziveza ukuthi bangobani,” kusho uMvubu.
UMnuz Zwakele Mncwango we-ActionSA, uthe uhlelo lwavuselwa ngoDisemba nyakenye umasipala usukuvezile ukuthi awunayo imali okwathi uma bebuzwa ngokuthi pho bazoluqhuba kanjani, bangena ezintangeni.
“Kuyacaca ukuthi kugenjulwa ngempilo yabantu abathembele kulolu hlelo ukondla imindeni. Konke abakwenza belivuselela babenzela ukunxenxa amavoti ebantwini manje ukhetho seludlulile. Wumsebenzi kamasipala ukugcina idolobha lihlanzekile kodwa ngendlela owenza ngayo kungathi wenzela laba basebenzi umusa nje ekubeni kufanele vele uqashe isibalo esanele ukwenza lo msebenzi,”usho kanje.
Uthe emhlanganweni wamakhansela olandelayo, bazophakamisa ukuthi kungaqhubeki ukumiswa kwabasebenzi futhi ngaphambi kokuthi bamiswe, ababizwe bonke ndawana thile babalwe. Wathi lokhu kuzoveza obala ukuthi isibalo sabasebenzi sincane kakhulu kunalesi esibhalwe phansi njengoba ekholelwa ukuthi yinqwaba yezipoki eziholelwa kulolu hlelo okugcina sekulimaza abantu abawudinga ngempela umsebenzi.
Imizamo yokuthola izinyunyana zabasebenzi kulo masipala ayiphumelelanga.
Kuze kwashaya nesikhathi sokushicilela kungatholakalanga nokuphawula kukaMasipala weTheku.