SEKUJWAYELEKILE ukuthi amaphoyisa asolwe ngamacala enkohlakalo, kanti kumanje kulindeleke ukuba elinye iphoyisa livele eNkantolo yeMantshi ngezinsolo zokuthola intshontsho ukuze lisule icala.
Zimkhalele uConstable Lieukazi Lilly Ndzendze (39) ngoLwesithathu, njengoba esolakala ecaleni lenkohlakalo elenzeka ngo-2018. Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe uConstable wayasesiteshini samaphoyisa eDurban North.
“Wabiza ngasese umsolwa uMnuz Jaychand Seerpath (51), obhekene necala lokushayela edle amponjwana. Wathi kuye uma engamnika uR4000 bese eletha uR2000 ozoya kumshushisi icala linganyamala,” kusho uCaptain Mhlongo.
“Kusolwa ukuthi uSeerpath owayehamba namadoda amabili wawukhokha uR4000 wathi enye izolandela, waze wanezelela ngoR400 wesidlo sasemini owawufunwa nguConstable Ndzendze,” kusho uCaptain Mhlongo
Uthe icala ladluliselwa koKlebe, uSeerpath waboshwa ngecala lenkohlakalo ngoSepthemba ngo-2019, wabuye waphuma ngebheyili. UConstable Ndzendze usefakwe njengomsolwa wesibili kuleli cala.
“Uthole ibheyili kaR500 uConstable Ndzendze kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo bobabili ngoJuni 7.”
Kwenzeka lokhu nje, Isolezwe lisanda kubika ngecala lamaphoyisa amabili uCaptain Khephu Ndlovu weSAPS noCaptain Bonginkosi Dlamini woKlebe, abasolwa ngokufumbathiswa imali wumsolwa ecaleni lokusocongwa kukasihlalo wegatsha le-ANC, ukuze kunyamalale ubufakazi.