INKANTOLO ixwayise isishoshovu se-#FeesMustFall, uBonginkosi Khanyile ukuthi angayichitheli isikhathi ngokulokhu ebambezela ukuqala kokuqulwa kwecala.
UKhanyile uvele enkantolo yesiFunda eThekwini ngecala lokugovuza umphakathi ngezibhelu.
Icala bekulindeleke ukuthi liqale namuhla ukuqulwa kodwa ligcine selihlehliselwe uLwesihlanu.
UKhanyile ungaphandle ngebheyili kaR5 000.
Ubeswenke econsa ngesikhathi evela enkantolo ebeke nethawula ekhanda kukhona amalungu eqembu iPatriotic Alliance ayilungu layo abekade ezomeseka.
UKhanyile utshele inkantolo ngomlomo kammeli wakhe ukuthi usezokwengeza omunye ummeli babe babili.
Imantshi ithe ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo uKhanyle ngoFebhuwari nonyaka, wathi usekulungele ukuqulwa kwecala.
Ithe sekuyaxaka manje uma esebuya ethi uzokwengeza ummeli.
Inkantolo ixwayise uKhanyile yathi kumele akuthathe njengesixwayiso sokugcina lesi, ngoba ngokuzayo uzozimela noma amelwe ummeli wamahhala.