UMFELANDAWONYE wezinyunyana zabasebenzi iCosatu nekhomishini yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission, baxwayisa abaqashi ngokuthi akumele baphoqe abasebenzi ukuthi bagomele iCovid-19.
Okhulumela iCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, uthe akumele baphoqwe ukuthi bagome labo ababeke izizathu zezempilo kanjalo nezenkolo.
Uthe abanye babasebenzi bazwakalise ukwesaba ukuthi bangase baphelelwe umsebenzi uma begoloza ukugomela leli gciwane.
UPamla uthe abaqashi akumele baphoqe abasebenzi ukuthi bagome ngoba banelungelo.
“NoMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa wakubeka kwacaca ukuthi umuntu ugoma uma ethanda, akuyona impoqo. Siyaleseka ikhwelo lokuthi kunxenxwe abantu ukuthi bagome kodwa abangaphoqwa.”
Uthe abaqashi kumele benze ezinye izinhlelo ezizovumela abasebenzi ukuthi basebenzele emakhaya kunokuthi bayosebenzela emahhovisi njengoba igciwane lisadlangile.
I-SAHRC ithe labo abasatshiswe ngokuxoshwa ngoba bengagomile kumele bayibikele.
UMnuz Buang Jones wale khomishini, uthe abantu ababike ngoba ukugoma akuyona impoqo.
“Uma umqashi wakho ethi kumele wonke umuntu agome ngoba kuyimpoqo futhi uzizwa ukuthi awuhambisani nalesi sinqumo, sibikele ukuze singenele.”
Uthe sebeqalile ukuthola izikhalo ngokuthi abanye bazoxoshwa emsebenzini uma bengagomile.
“Sizoqoqa ubufakazi ngawo wonke amacala sizobe sesimemezela umkhombandlela.”
UNksz Mmamoloko Kubayi ibamba likangqongqoshe wezempilo uhlale ekugcizelela ukuthi akekho umuntu ophoqiwe ukuthi agomele iCovid-19.
Uhlale enxusa ukuthi labo abangahambisani nokugoma akumele bagqugquzele abanye ukuthi bangagomi.
Izolo ehambele ezinye zezindawo zokugoma eTembisa eGoli, uthe bafuna ukugcina befinyelele ekutheni bagome abantu abevile ku-300 000 ngosuku kuleli njengoba babekelwa nguRamaphosa lesi sibalo.
Okwamanje yevile ku-7 million imigomo esikhishiwe kuleli.