IBHANTSHI ligcwale umoya kosigaxamabhande esiteshini samaphoyisa oLundi, abasolwa enkohlakalweni yokufihlwa kwamadokodo nokuphoqa amanye amaphoyisa ukuthi angashicileli amacala athile kwi-khompyutha, okuthiwa bekwenzeka ngaphakathi esiteshini.
UColonel Lindiwe Mdlalose ongumphathi esiteshini nozakwabo uLieutenant Colonel PM Buthelezi, uCaptain PD Biyela no-Warrant Officer BC Makhanya, balahlwe amacala ophenyweni lwe-SAPS lwangaphakathi ngoDisemba, nyakenye.
NgoLwesithathu kuthathwe isinqumo sokuthi kube khona abaxoshwayo. Ngokuthola kweSolezwe, uColonel Mdlalose noLieutenant Buthelezi yibona abakhonjwe indlela kwathi uBiyela noMakhanya bamiswa emsebenzini izinyanga ezimbili umuntu ngamunye, bengaholi nendibilishi.
Imibiko iveza ukuthi laba baphathi bebenza lokhu ukuze babukeke kahle kwiziphathimandla ngezibalo zobugebengu obehlile.
Kwenzeka lokhu nje, uColonel Mdlalose noCaptain Nomusa Mtolo (okuvele ukuthi uphenduke ufakazi womqashi), basagqigqa enkantolo emva kokuvulelwa amacala, kanti ngesonto eledlule, bekulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaMtuba.
Emva kokulahlwa amacala, ithimba elijutshelwe ukuqondiswa kobugwegwe linqume ukuthi abaxoshiwe baphucwe izibhamu nezitifiketi zobuphoyisa kuze kube uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, ugunyaza ngokusemthethweni ukuxoshwa kwabo. Nabamisiwe kwenziwe okufanayo kodwa bazophinde babuyiselwe abaphucwe khona emva kokuqeda isigwebo sabo.
Incwadi ebhalelwe usihlalo wekomiti eliqondisa ubugwegwe, uMajor General FB Alexander, ecacisa ngezinyathelo ezithathelwe laba abalahlwe amacala, iveza ukuthi bonke abakhombisanga ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwecala.
“Ukuzisola yinto yokuqala efikayo uma udliwa unembeza ngesenzo sokwephula umthetho. Laba basebenzi bahudula izinyawo befuna kweluleke isikhathi. UCaptain Mtolo, ophenduke ufakazi womqashi, ukuvezile ukuthi wajivazwa phambi kwamaphoyisa angaphansi kwakhe nguColonel Mdlalose emphoqa ukuthi engalishicileli idokoko. Indlela aphathwa ngayo umphathi, kwaphoqeleka ukuthi ayosebenzela esiteshini samaphoyisa esiseMount Rise,” kubhalwe kanje.
Kuthiwa amacala ababhekene nawo abucayi kakhulu, ngakho akusekho ukwethembeka kulaba basebenzi.
UBiyela noMakhanya, abashaywe ngoswazi oluncane, kuthiwa abafunanga ukufakaza ngabakwaziyo bakhetha ukuthula, kodwa kwavela ukuthi ukungaziphathi kahle kwabo kubonakele ukuthi abakwenzanga ngenhloso.
Ngesikhathi ethintwa uNobhala we-South African Policing Union KwaZulu-Natal, uNkk Nesi Mdletshe, uvumile ukuthi kukhona umyalezo ofikile kuyena ngalolu daba kodwa usawucubungula, wacela ukuthi athintwe emva kwehora kodwa ucingo ubengasalubambi kw
aze kwashaya isikhathi sokushicilela.