BAKHONJWE indlela abasebenzi bakaMasipala waseZululand abasophikweni lwamanzi abebetelekile.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba iMeya, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ikhiphe isexwayiso kulaba basebenzi ngesonto eledlule sokuthi uma bengabuyeli emsebenzini bazohlangana nezimbila zithutha.
UButhelezi ukhwele wadilika enyunyaneni iMatusa, wathi ibe nesiteleka esingekho emthethweni.
“Ngizocela uthinte uKhayo Mpungose oyimenenja esabambile ngoba nguye obheke izindaba zabasebenzi. Izikhalo zabo azinasisekelo ngoba ezinye izinyunyana iSamwu ne-Imatu zisemsebenzini. IMatusa isilimaze impahla yakwamasipala, izindleko zingaphezu kwesigidi.
IMatusa ibihlose ukudicilela phansi i-IFP okhethweni njengoba bephazamisa ukusebenza kwamanzi oLundi. IMatusa iyimpisi yeNFP embethe isikhumba senyunyana,” kusho uButhelezi.
Umholi wenyunyana iMatusa, uMnuz Zithulele Mncwango, uthe ibuhlungu into abayenziwe umqashi wabo.
“Sidlala amadoda amahlanu azifunela izikhundla ngathi. Abanandaba ngezikhalo zethu. Asebekwenzile ukuba basithumele ngezincwadi zokusixosha emsebenzini. Sixoshelwe ukufuna izidingo zethu. Kumanje sibuya enkantolo njengoba kunabanye abasebenzi ababoshiwe.
Kuthiwe ababuye ngoJuni 13 sebenommeli,” kusho uMncwango.
Isiteleka salaba basebenzi sidale inkinga yamanzi oLundi, ebaQulusini naseDumbe.
Umphakathi waseDumbe ugcine usuvala imigwaqo, washisa amathayi ufuna amanzi.
“Sekunesikhathi eside sikhala ngemihlomulo okufanele siyithole ehambisana nokubuyekezwa kwemisebenzi yethu. Kunalokho umqashi uhlale ethi uzoxoxa nathi emva kwamasonto amabili kodwa akakwenzi lokho. Kumanje uyasisabisa ushintsha nezimenenja esixoxa nazo, okwenza sigcine singazi ukuthi kanti ubani obheke izikhalo zethu. Sicela ukhulume naye ngoba uma kungenjalo eqhubeka namanga, isiyodibana esikhaleni kwaNtombela,” kusho uMncwango.
Imizamo yokuthola uMnuz Khayo Mpungose oyimenenja esabambile, ayiphumelelanga.
UMnuz Sphamandla Ntombela weNFP uthe akulona iqiniso ukuthi laba basebenzi abeqembu labo.
“Kuyishwa ukuthi imeya isiyisangoma esibona izinhliziyo zabantu ukuthi bayiliphi iqembu. Esikwaziyo ukuthi ngabasebenzi baseZululand labaya. Imeya kayiyeke ukuthi uma abasebenzi bayo befuna okuthile bese ibabiza ngeNFP,” kusho uNtombela.
IMenenja kaMasipala wasoLundi, uMnuz Nkosenye Zulu, ithe ukuphazamiseka kukagesi namanzi kulo masipala kudalwe ukuntshontshwa kwe-transformer ekuqaleni kwenyanga.
Uthe ngenxa yalokhu umasipala waqala uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga, okungakaziwa ukuthi luzophela nini ngoba i-Eskom idinga imali elinganiselwa kuR8 million ukulungisa umonakalo.
Uthe umasipala awunayo leyo mali ngoba sekusondele ukuphela konyaka wezimali wawo, sewuthembeke ekutheni kukhokhe umshuwalensi.
Uthe amanzi aphazanyiswa wukuthi injini isebenzisa ugesi.