KUVELE negama lowakwaGcaba ecaleni lokubulawa komrepha uKiernan “AKA” Forbes noTebello “Tibz” Motsoane.
Izolo enkantolo yeMantshi yaseThekwini bekuvele abahlanu abayamaniswa naleli cala okungoLindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), Lindani Zenzele Ndimande (35), Eddie Syanda Myeza (21), Mzwethemba Harvy Gwabeni (36) noLindokuhle Mhlaliseni Ndimande (29).
UMbuso ubukade wenza izethulo zawo uphikisana nesicelo sebheyili yabasolwa.
UMshushisi omkhulu u-Adv Gcweka uveze ukuthi uGwabeni washayela uMnuz Sydney Mfunda Gcaba ucingo.
Uthe ngemuva kwalokho kwaba nemali engu-R800 000 eyangena ebhange likaGwabeni.
“UGwabeni washayela uGcaba ucingo ngemuva kokuba sekuzwakele ukuthi u-AKA useshonile,” usho kanje.
Ngokwesitatimende esifundwe umshushisi enkantolo, imali eyangena yayivela kwi-akhawunti yenkampani iBright Circle (pty) Ltd okuvela ukuthi inomqondisi oyedwa okunguMnuz Sydney Mfunda Gcaba kanti kwakubhalwe ukuthi imali eyayikhokhelwa umsebenzi wokubonisana (consult). UMbuso uveze ukuthi ngombono wawo kwakucashiswa ukuthi le mali ngeyani njengoba bekholwa ukuthi kwakungeyokudubula. Kuvela ukuthi uGwabeni esethumela imali wasebenzisa igama elithi isabelo (dividends) kodwa akukho lapho okuvela khona ukuthi abasolwa nababili bakwaNdimande babenamasheya enkampanini yakhe.
UMshushisi uthathe bonke abebesenkantolo ngamehlo engqondo ebalandisa ngakho konke okwenzeka ngosuku lwesigameko.
Uveze ukuthi konke kwaqala ngokuthi kube khona abamlandelayo u-AKA ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza eKing Shaka.
Abasolwa ababemlandela uthe babehamba nge VW Polo, abanye babehamba ngeBMW eyayishayelwa uGwabeni. Uveze nokuthi imoto kwakungesiyona ekaGwabeni kodwa wayeyiqashile.
Uthe esesuka lo mculi eya ehhotela abasolwa baqhubeka nokumelusa.
Uthe ngemuva kwalokho u-AKA waya eWish nokuyilapho afika wakhuluma khona nomphathi wendawo uMnuz Kweyama.
“UKweyama watshela lo mculi ukuthi akapake imoto yakhe e-salon yakhe,” kuchaza yena.
Ngesikhathi esengaphakathi eWish, uMshushisi uveze ukuthi uNdimande (Lindo) wayekhona naye ngaphakathi esamqaphile, waze washintsha nendawo ukuze ababone kahle.
UMshushisi uthe ngesikhathi sekudutshulwa lo mculi abantu babaleka kodwa uNdimande waqhubeka wazihlalela ekhombisa ukungathuki.
Uthe i-video iyamveza owayedubula ecuthile phakathi kwezimoto efake ikepisi elimhlophe. Kuvele ukuthi owadubula uMnuz Malusi Ndimande (osagcinwe eSwatini) nomfowabo.
UMshushisi uveze ukuthi umsolwa wesibili uNdimande, uGwabeni noLindo yibona abaya eJacobs beyolanda iMercedes eyayinezibhamu ezazizosetshenziselwa ukubulala u-AKA.
UMshushisi uveze ukuthi ubufakazi buveza ukuthi abasolwa babekhona endaweni yesigameko.
UMshushisi uthe uyasiphikisa isicelo sabasolwa sokuthola ibheyili.
Uthe umsolwa wokuqala uMkhwanazi akanayo indawo yokuhlala.
Owesibili uNdimande uzoba yingozi emphakathini uma ethola ibheyili.
Umsolwa wesithathu uMyeza, uMshushisi uthe uma engathola ibheyili angase angafiki uma sekuqulwa icala futhi akanayo indawo ahlala kuyona.
Umsolwa wesine uGwabeni, uthe nguyena ungqondongqondo wetulo lokusocongwa kwalo mculi futhi angalibalekela icala.
Owesihlanu uLindokuhle uthe naye uyingozi emphakathini.
Icala lizobuyela enkantolo ngoLwesibili.