ABAHLOLI kuMasipala weTheku basivale thaqa isitolo esidayisa ukudla okusheshayo enkabeni yedolobha.
Ngokwesitatimende esikhishwe umasipala, iFrendo’s Chicken, iphula imithetho eminingi yezempilo neyezokuphepha.
Ngale kokungabi nesitifiketi esisemthethweni esigunyaza ukusebenza ngokudla, kutholakale ukuthi abasebenzi babuye balale egumbini eligcina impahla.
“Ukuvalwa kwalesi sitolo kuza ngemuva kokuhlolwa okuphelele lapho okuvele khona izinto ezingi ezingafanele nezingabeka impilo yomphakathi engcupheni. Ezinye zazo; ukwephulwa komthetho ngokuhweba ngaphandle kwesitifiketi esivumelekile, ukwehluleka ukunikeza amarekhodi okuqeqeshwa kokuphatha ukudla nesitifiketi sokulawula izinambuzane,” kusho isitatimende sikamasipala.
“Okunye okutholakele ngesikhathi kuhlolwa lesi sitolo wukuthi nesakhiwo uqobo kasikho ezingeni elifanelekile njengoba kungatholakalanga ipulani lesakhiwo eligunyaziwe nokungangeni komoya owanele.“
Kubuye kwatholakala ukuthi kukhona abasebenzi abalala kuyo le ndawo nokuyinto ephazamisa uhlelo lokuhamba kwamanzi lapha edolobheni.