USHAQEKILE umndeni womlisa (25) wasePomeroy okuthiwa utholakale nomngani wakhe beshaywe babulawa bashiywa endlini engahlali muntu.
Kuthiwa abangani oMnuz Mthobisi Mtshali noSibongiseni Ndebele baKwaMajozi, ePomeroy, batholakale bebulewe belahlwe endlini engahlali muntu.
Udadewabo kaMtshali, uNksz Nelisiwe Mtshali (28) uthe umfowabo nomngani wakhe batholakale bebulewe ngoMgqibelo emini, isidumbu somunye sibekwe phezu kwesinye.
UNksz Mtshali uthe ukutholakala kwezidumbu zabo kulandela ukunyamalala kwabo ngoLwesine ntambama.
“Umfowethu wayekade edlala ibhola, wase ethi uyovakashela umngani wakhe. Asimangalanga uma sekuze kuhlwa engabuyile ngoba bebejwayele ukuthi bachithe isikhathi esiningi ndawonye.
“Siqale ukukhathazeka uma sesibona engatholakali endlini yakhe nangesikhathi kufika abakubo kamngani wakhe bezomfuna ekhaya ngoLwesihlanu,” kuchaza uNksz Mtshali.
Uthe kusuka ngoLwesihlanu ekuseni baqale ukubathungatha laba bobabili kwaze kwabe batholakala ngoMgqibelo emini.
Kuthiwa lapho abatholakale khona kuphakathi kwamakhaya abo bobabili. Kuthiwa bagcinwe kaNdebele bephelezelana, uMtshali egoduka eya kubo.
Udadewabo kaMtshali uthe namanje basathukile njengomndeni ngesimo
abaficwe beyisona njengoba bebenethemba lokuthi bazobathola besaphila.
“Siwumndeni sisashaqekile njengoba sibathole bebulewe bebekwe endlini engasebenzi. Asizange sibabone ukuthi balimele kanjani ngoba sasinqena ukuphazamisa ubufakazi njengoba ayengakafiki namaphoyisa kodwa amaphoyisa asitshele ukuthi badutshuliwe,” kusho uNksz Mtshali.
Uthe bafisa ukubona kwenziwa ubulungiswa mayelana nokubulawa kukamfowabo nomngani wakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala emuva kokutholakala kwezidumbu zabalisa ababili.
“Izidumbu ezimbili zitholakale ngaphakathi endlini zinamanxeba okulinyazwa ,” kusho uCaptain Gwala.
Uthe kubikwe ukuthi laba balisa babelokhu benyamalale ngoLwesine.