UMNDENI wezelamani eziboshwe kwelaseSwatini ngecala lokubulala umrepha wakuleli uKiernan 'AKA' Forbes noTebello 'Tibz' Motsoane ukhala ngokuhlaselwa amaphoyisa kufunwa lezi zinsizwa.
Ilungu lomndeni elingadaluliwe likhulume nentatheli yeNewzroom Afrika lithi sebelahlekelwa ngamalungu omndeni amaningi ezandleni zamaphoyisa.
Uthi kwaqubuka impi yamatekisi eMalukazi eThekwini, uthe le mpi yagadla kwazwela emndenini ngo-2022 kwaze kwaba wukuthi amalungu omndeni anquma ukuziphindiselela.
“Kwaze kwafika ithimba elalijutshwe ngungqongqoshe wamaphoyisa ukuthi akukhuzwe le mpi yamatekisi. Leli thimba lafika la ekhaya lizokhuluma lolo daba,” kusho leli lungu lomndeni.
Lithe ngemuva kwalokhu, kwakungathi kufakwa umfutho omkhulu kule mpi kangangokuba amalungu omndeni aqoma ukubhaca kwamanye amazwe.
Leli lungu lomndeni likholwa wukuthi bebezofa laba bafana ngazo izandla zengalo yomthetho yakuleli ukube ababoshwanga eSwatini.
Uthe ngeke aphike noma avume ukuthi bayathinteka ekufeni kuka-AKA ngoba kwake kwavela ukukhuluma okuthi bazonamekwa ngamacala amaningi nabangathinteki kuwona.
Ukukhuluma kwaleli lungu lomndeni kufakazela okukakhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal oveze ukuthi abasolwa bebeboshelwa amanye amacala angahlangene nokufa kuka-AKA ngenhloso yokuthi babagcine esitokisini kuze kube wukuthi bahlanganiswa nabanye abathintekayo futhi nobufakazi sebanele ukuthi bangabekwa icala.
U-Assistant Superintendent Nosipho Mnguni okhulumela amaphoyisa eSwatini uthe bathola umbiko osuka emaphoyiseni aseNingizimu Afrika ngabasolwa ababhace emzini oseSwatini.
eSwatini police say they will continue to work with police in SA to ensure that the 2 suspects linked to the murder of Kiernan 'AKA' Forbes & Tebello 'Tibz' Motsoane are extradited to answer for the crimes they allegedly committed. @mwelimasilela reports.https://t.co/PMQXCvNhzK pic.twitter.com/hMLZDuOwLD
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) February 29, 2024
UMnguni uthe ngesikhathi befika endlini ababekhonjiswe yona ukuthi inabasolwa, bathola ababili abebesendlini, kodwa ikhona imibiko yokuthi babebathathu, owesithathu wahamba ngaphambi kokuba kufike amaphoyisa. Uthi abanalo ulwazi lokuthi uyathinteka yini kuleli cala nokuthi uhambe washonaphi.
Uqhubeke wathi yize abasolwa ababili bebingelele imantshi kuleli sonto, kulindeleke ukuthi babuyele eManzini ngoLwesibili njengoba kuqhubeka isicelo samaphoyisa akuleli sokuthi babuyiswe.
Amalungu omphakathi eSwatini, athi lezi zinsizwa zafika kule ndawo zizine kodwa ngokuhamba kwesikhathi wahamba oyedwa, basala abathathu. Uthi nalo wesithathu wahamba kwasala ababili.
Bathi lezi zinsizwa zazihleli kahle emphakathnii zingenankinga namuntu futhi zibonakala emphakathini nasezitolo. Kuthiwa bebethanda nokwenza imicimbi kosiwe inyama endlini ababehlala kuyo.
Kuthiwa amaphoyisa agasela emzini ababehlala kuwo ekuseni ngezithuba zabo-5 ngoMgqibelo, ngakho-ke akukho msindo owazwakala noma ukuhilizisana okwenzeka.
Uma laba basolwa ababili bededelwa emaphoyiseni akuleli bazojoyina abanye abasolwa abahlanu abavele namhlanje enkantolo yeMantshi eThekwini.
Icala labahlanu lihlehliselwe umhla ka 6 Mashi 2024 lapho kuzoqala izingxoxo zesicelo sebheyili yize iMantshi ivezile ukuthi leli cala lizohlehla izikhawu eziningi ngayo inyanga uMashi ngoba kulindeleke ukuthi kube khona ukuphazamiseka.
Abasolwa abathathu kulaba bazogcinwa esitokisini sasesiteshini samaphoyisa eChatsworth kanti ababili bazogqunywa eWestville.