Ngikhathazeke kakhulu ngoMsombuluko kuleli sonto esisuka kulona. Kufike udadewethu oneminyaka engu-40 lapho ngelaphela khona ehamba nonina egula kakhulu. Inkinga enkulu ebimlethile wukuthi ubengakwazi ukuchama sekuqala isonto lesithathu enale nkinga. Umlando wokugula kwakhe uthe ufika nje ubekhishwe esibhedlela esiseduze kade elaliswe khona ngenxa yakho ukungakwazi ukuchama. Uma belanda ngokugula kwakhe bathi udokotela wakhe umkhiphe esibhedlela engakabi ngcono nakhona sekuphele amasonto amabili elaliswe khona engachami.
Akukholakali lokhu! Esibhedlela ukhishiwe engachami? Usisi lona ushadile unezingane ezinhlanu. Umyeni wakhe uyaphila kodwa akaboni emehlweni. Ngicela ukungangeni kwabakushoyo abathi kwenzeka esibhedlela.
Ekumhloleni kwami ngomshini ngithole ukuthi izinso zombili zonakele kakhulu. Sazama ukumchamisa ngemijovo kwaphuma into encane kakhulu kwacaca ukuthi sekonakele kakhulu. Igazi esalithathayo lezinso lakuqinisekisa ukungasebenzi kwazo ngendlela elindelekile. Ngaqhubeka ngamhlola ngomshini ngathola ukuthi ukhulelwe izinyanga zimbili. Ngabacela ukuthi babuyele esibhedlela esiseduze nencwadi engangizoyibhala bangavuma. Ngabatshela ukuthi kubalulekile ukuthi behlise umoya baye esibhedlela esiseMpangeni iLower Umfolozi District War Memorial Hospital bavuma sabanikeza incwadi enemininingwane efanele. Ekuxhumaneni nabo ezinsukwini ezilandelayo sathola ukuthi abakwazanga ukuya ngenxa yemali. Ngiye ngabacela ukuthi abafike endaweni engisebenzela kuyona ngabathatha mina siqu ngabayisa esibhedlela eMpangeni. Ngaleso sikhathi udadewethu ogulayo bese ehlanza engasenamandla esevuvukele.
Akukholakali ukuthi umuntu uyakwazi ukukhishwa esibhedlela engakwazi ukuchama sekuphele amasonto amabili wonke umchamo ungakhiqizeki emzimbeni. Angisayiphathike eyokuthi lona ngumuntu wesimame okhulelwe. Yenzeka kanjani into enjena esikhungweni sezempilo somphakathi? Esibhedlela isiguli singaphansi kodokotela nabahlengikazi. Udokotela eseshilo wathi makaphume esibhedlela sikahulumeni aye ekhaya abahlengikazi bathula bathini bebona lokhu okwenzekayo? Kuhambe kwaphelaphi kubahlengikazi ukuba yinxusa lesiguli? Bayazi yini laba ababili, udokotela nomhlengikazi ukuthi izinqumo zabo zimele isibhedlela, okukhulu kunakho konke zimele uhulumeni? Empeleni lokhu kuthi uhulumeni ophethe wakhipha isiguli sesifazane esingakwazi ukuchama sekuphele amasonto amabili sikhulelwe wathi masiye ekhaya siyozibonela ukuthi senzenjani ngoba yena kwakungasekho ayesengakwenza. Kuliqiniso lokhu? Umbuzo omiyo uthi bangaki abantu bakithi abahlukumezeka ngale ndlela ezandleni zezikhungo zethu nsuku zaphuma? Mingaki imindeni elimalayo, eyehliswa isithunzi ngale ndlela ezandleni zami nawe, ezikhungweni zomphakathi? Bakwethu masingayishibhisi impilo yomuntu omnyama.
Ngokwendalo zimbili izinso emzimbeni womuntu. Kuningi ezikwenzayo kodwa ekugcineni izinso zibhalansisa usawoti emzimbeni ziphinde zikhiphele ngaphandle komzimba okuwudoti okungasamele ukuthi kube ngaphakathi emzimbeni.
Yile misebenzi okuyaye kuthi uma izinso sezihluleka ukuyenza konakale kakhulu emzimbeni nokuyinto eholela ekushintsheni kwendlela umzimba osebenza ngayo. Ukungahlanzwa komzimba kuholela ekunqwabelaneni kwalo doti obuzophuma ungumchamo ezindaweni ezahlukene zomzimba, uqale umzimba ube buhlungu ezingxenyeni ezithile, ushintshe umbala ugqunqe, uvuvukale kuqale kwesingezansi nasebusweni, isiguli sihlanze, siphelelwe amandla, lishode agazi nezithako eziningi zomzimba. Ubuthi lobu obekumele bukhishelwe ngaphandle kuba yibo obuququda izingxenye zomzimba uqhubeke umonakalo uye phambili agcine eseshonile lowo ogulayo uma kungabanga khona ukungenelela ngokushesha okuhlanganisa ukukhishwa kukadoti ongaphakathi ngemishini (dialysis). Angikhulumi-ke uma kungukuthi lowo osegula ngale ndlela ubezithwele ngoba lokho kusho ukuthi ingane ekhulayo ngaphakathi sekumele ibhekane nalesi simo esibucayi kanjena isesesiswini kunina.
Ushevu owakheka ngenxa yokuhluleka kwenzinso wukwenza umsebenzi wazo uzoyibeka kusiphi isimo ingane? Isimo esinjengalesi sibeka ingane ebucayini kanti kusuke sekumele kuphuthunywe kakhulu kunakuqala kusizwe isiguli nengane esisuke siyikhulelwe. Nakulesi siguli esikhuluma ngaso kube yinto efanayo yingakho sibubula singaqedi sithi yaze yanganakekelwa impilo yomuntu omnyama isishibhe ngendlela emangalisayo. Nginesiqiniseko sokuthi lokhu esikhuluma ngakho kuwungwengwezi nje olungaphezulu okukhulu kakhulu okwenzeka kugcine kungafikanga ezindlebeni zabantu abafana nami nawe. Baphi abaholi balezi zikhungo zezempilo uma kunjena? Ukube bekuyileya nkathi edlule ngabe sisulela ngobandlululo. Sizothi kuseyilo namanje? Saze sathunazwa isithunzi somuntu omnyama! Yeka ukushibha okungaka kwempilo yomuntu omnyama!
Udokotela Bongani Nxumalo usebenza ngokuzimele ezindaweni ezehlukene kulesi sifundazwe.
Mpilonhle Mpilonde!!
-EZEMPILO