UNkk Makhosazane Nkosi (40) nendodana yakhe uMnuz Sicelimpilo Shange (23), badutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngeSonto ngabantu abangaziwa.
Isolezwe lithole ukuthi laba bebehamba ngeMercedes Benz ngesikhathi bevukelwa ngabantu abangaziwa bebadubula, bephuma ezitolo beyothenga igilosa.
Kuthiwa badutshulwe ngezinhlamvu ezingaphezu kuka-20.
Kuvele ukuthi ubaba wekhaya naye ubejwayele ukusebenzisa le moto nokwenza kungaziwa ukuthi abahlaseli bebezitshela ukuthi bahlasela yena yini.
Ngokuthola kweSolezwe lo mndeni unamatekisini ahambela kusoseshini waseGingindlovu.
Ukubulawa kwabo kusolwa kuthi kuhlobene nodlame lwamatekisi oluqhubekayo eMandeni.
Umthombo ocele ukungadalulwa osondelene nalolu daba uthe yize kusaphenywa kodwa kusolwa wona umbango wamatekisi.
“Laba abahlaselwe wumndeni onamatekisi, ukubulawa kwabo kungenzeka ukuthi kuhlobene nombango oqhubekayo embonini,” kusho umthombo.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, uthe bayazi ngodaba lwaseMacambini.
“Kumanje kutshalwe amaphoyisa aqaphe isimo ngemva kokuba kuvele kwafika onogada badubula erenki yaseMandeni. Besingakezwa ngokudutshulwa kukamama nendodana yakhe. Kusikhathazile kakhulu okwenzeka kusoseshini wakuleya ndawo ngoba kukhona ukubangwa kamandla okukhona. SiyiSantaco sisebenzisana nohulumeni sivele sijube ithimba elizobhekisisa lolu daba,” kusho uShangase.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuphenywa amacala okubulala.
“Amaphoyisa aseNewark aphenya amacala okubulala enzeke ngeSonto. Ngokombiko osatholakele kudutshulwe umama ona-40 nendodana yakhe ena-23. Kade behamba ngemoto beyothenga ukudla ngesikhathi behlaselwa ngamadoda angaziwa. Avele abadubula kaningi. Bashonele endaweni yesigameko. Imbangela yokuhlaselwa kwabo ayikaziwa,” kusho uCapt Gwala.
Kuthintwa uMnuz Bheki Masango, usihlalo kasoseshini waseMandeni/Sundumbili izolo, uthe isimo sisadambile ngakubona, abakaboni lutho.
Uthe uzwile ngokuvelele usoseshini ongumakhelwane wabo eGingindlovu ngokubulawa kukamama nendodana.
Imizamo yokuthola usoseshini waseGingindlovu izolo nomndeni wababulewe ayizange iphumelele.