KUSOLWA ubudedengu bomshayeli engozini enyantisa igazi okushayisane mahlanze imoto encane neveni kwashona abantu abayishumi emgwaqweni uR34 ngaseLakeside, eVryheid, ngoLwesibili ekuseni.
Kulimale abantu abayisithupha abaphuthunyiswe esibhedlela.
Ngokombiko wesikhashana ngale ngozi, kusolakala ukuthi ngo-11 ekuseni, umshayeli weMazda 3, ebilayishe abagibeli abayisikhombisa, uhlulekile ukuma ophawini lapho bekumele ame khona ezimpambanweni zomgwaqo.
Kubikwa ukuthi le moto ebilayishe ngokweqile ibe isitholana phezulu neFord Ranger yona ebilayishe abagibeli abayisithupha.
Kume nse ukuhamba kwezimoto kulo mzila ngesikhathi abezimo eziphuthumayo nabatakuli bekhuculula.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni, uthe nakuba ingakaziwa kahle hle imbangela yale ngozi, njengoba isaphenywa abezomthetho, bathi kungenzeka ukuthi ibangelwe wubudedengu bomshayeli.
UNkk Nkonyeni uncenge abashayeli ukuba bashayele ngokucophelelela, babe nesineke emigwaqweni khona bezofika bephephile lapho beyakhona.
Uthe kuyadumaza ukuthi ingozi enyantisayo yenzeke ngemva kwempelasonto yePhasika lapho kubhubhe khona abantu abangu-54 ezingozini zomgwaqo KwaZulu-Natal.
“Kuyadumaza ukuzwa ukuthi enye yezimoto ezimbandakanyeke kule ngozi ibilayishe ngokweqile. Kusolakala ukuthi umshayeli wayo uhlulekile ukuma ukuma lapho bekumele ame khona, okungenzeka ukuthi yikhona okuholele kule ngozi edlule nemiphefumulo yabantu abayisishiyagalombili,” kusho uNkk Nkonyeni.
Uqhube wathi ngokungayilandeli imithetho yomgwaqo ngale ndlela, umshayeli ukhombise ukungabi nendaba nengalo yomthetho nabanye abashayeli.
Uthe iningi lezingozi emigwaqweni yesifundazwe libangelwa ubudedengu bomshayeli okuyinto edla uhulumeni itshe lemali. Udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe, wafisela abalimele ukwelulama okusheshayo wathi uhulumeni wesifundazwe nomasipala bazolekelela imindeni yabagilwa ngamalungiselelo omngcwabo nokwelulekwa ngokwengqondo.
UNkk Nkonyeni uthe labo abaphula imithetho yomgwaqo kumele bagixabezwe ngezigwebo eziqinile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe (waiting for comment)