KUSOLWA amaphoyisa aKwaCeza ngokushaywa kweziboshwa, okuthiwa bese kuphele izinsuku ezine zidube ukudla esitokisini sakhona.
Lezi ziboshwa ezine kwezingu-11 okuthiwa ziboshelwe ukuqhinqa emayini yamalahle oKhukho, zifuna ukuqashwa ngenkani ngenyanga edlule, sekuphele inyanga zitoke esiteshini samaphoyisa KwaCeza.
NgoMsombuluko kuthiwa ziqale umkhankaso wokuduba ukudla zithi aziboni ukuthi kuphephile ngoba amaphoyisa azibopha asondelene nonogada bemayini abalokhu befika esiteshini ezikuso.
Lezi ziboshwa kuthiwa bezisola ukuthi njengoba onogada bejwayele ukufika esiteshini ezitoke kuso kungenzeka babafakele ubuthi ekudleni kwazo.
UMnuz Shakes Nene, uyise kaMnuz Nhlanhla Nene (28) ongomunye weziboshwa ezitokile, uthe amaphoyisa anqabile ukuvula icala lokushaywa kwendodana yakhe nabanye abathathu, ngoLwesihlanu, athi akabuye nayo, ekubeni ngaleso sikhathi ibisesibhedlela.
ESINYE seziboshwa okuthiwa besitoke esiteshini samaphoyisa KwaCeza okuthiwa sishaywe ngamaphoyisa ngoba singenele isiteleka sokuduba ukudla Isithombe: Sithunyelwe
UNene uthe indodana yakhe iwile enkantolo kwaphoqelaka ukuthi icala labo liguqe okwesikhashana isaphuthunyiswe esikhungweni sezempilo. Ngemuva kwamahora ambalwa libuye laqhubeka abasolwa bakhululwa ngebheyili kaR1000 umuntu emunye.
Uthe nakuba bese kuphele izinsuku ezintathu indodana yakhe ingadli kodwa akakholwa ukuthi iwiswe yilokho, ukholwa ukuthi yingoba ibishaywe ngamaphoyisa ngoba ibinezibazi zokushaywa emzimbeni.
Uthe indodana yakhe neboshwe nabo sekuphele inyanga baboshwa kodwa basalokhu bethelwa ngesibhaxu ngamaphoyisa esitikosini. Uthe akazi ukuthi bashayelwani kodwa ngoLwesine kuthiwa babeshayelwa ukuthi abadle.
“Izingane zethu zangena emayini ngokungemthetho zisebenzisa indlela yezinyawo. Ngiyazi ukuthi lokho kwakungavumelekile, yingakho ziboshiwe kodwa angiboni ukuthi ngoba bonile sekumele bahlale beshaywa ngamaphoyisa. Uma bedube ukudla amaphoyisa kungani ebashaya? Uma sengithi ngiyovula icala amaphoyisa ayenqaba. Alokhu ebeka izaba eziningi. NgoLwesihlanu bathi asilinde abashayiwe babuye esibhedlela. Ngaleso sikhathi sasingazi nokuthi bazokhululwa yini ngebheyili. Umfana wami wabuya ngalo uLwesihlanu esibhedlela, wadedelwa ngebheyili kodwa namanje icala alivulilwe silokhu siya esiteshini amaphoyisa ashone ngapha nangapha size sidikibale, sihambe,” kusho uNene.
Abasolwa babuye bavela enkantolo yemantshi izolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele, uthe abakabi nayo imininingwane ngalolu daba basazophenya ukuthi kwenzekeni.