AZIFAKE obishini amaphoyisa aKwaMakhutha okuthiwa abezama ukubuyisela emgqeni indoda esolwa ngokushaya intombi yayo njalo uma iphuzile.
La maphoyisa asolwa ngokushaya abulale uMnuz Bongani Mkhize (40) okuthiwa uwaqhulule ngenhlamba wawathembisa induku ngesikhathi elandwe yintombi yakhe.
UNksz Thandeka Gumede (37) uthe emasontweni amabili edlule uphuthume esiteshini samaphoyisa ngemuva kokuthi uMkhize ebuye edakiwe wasusa umsindo.
“Ngaqala ngabaleka ngama phandle efuna ukungishaya. Ngithe uma ngilunguza endlini ngabona eklinya indodakazi yami endala angayizali. Vele ubehlala ngokungishaya uma esephuzile. Nasemaphoyiseni bayangazi ngoba bengihlale ngiyombika khona,” kusho uNksz Gumede.
Uthe ubuye namaphoyisa abethi azoxazulula ingxabano kanti azofika uMkhize awabhokele ngolaka.
“Amaphoyisa acasuka, aze amkhomba ngesibhamu. Wathi awavele aqede ngaye okuyilapho emdonsele emnyango amshaya, amgxoba ekhanda nasesisithweni sakhe sangasese ngamabhuzu. Bamhudula bamfaka evenini engasakwazi ukuhamba bathi angilandele ngiyovula icala. Bafika esiteshini baqhubeka nokumshaya waze walanyulelwa elinye lesifazane,” kusho uNksz Gumede.
Uqhube wathi amaphoyisa avele amthatha amgodukisa ngaphandle kokuvula icala bathi uMkhize bazombuyisa ekuseni.
“Angizange ngilale endlini ngoba ngisaba ukuthi uzobuya angishaye. Ngafika ngizombheka ekuseni ngamthola ezimboze ngengubo. Waze watholwa abafowabo ngakusasa eseshonile. Amaphoyisa ngiwavulele icala ngoba ukuwabiza kwami ngangingasho ukuthi bambulale,” kusho uNksz Gumede.
Umfowabo kaMkhize, uMnuz Zamokuhle Mkhize (43) uthe ngoMsombuluko lolu daba balubike nasophikweni oluphenya ukusebenza kwamaphoyisa i-Independent Police Directorate Investigative (IPID) ngoba bebona engathi amaphoyisa aKwaMakhutha alunyathela ngezinyawo.
“Sifuna ubulungiswa. Uma umfowethu wayephule umthetho kwakumele bambophe hhayi ukuthi bamshaye aze afe. Namanje asikamngcwabi silinde kuhlonzwe isidumbu,” kusho uMkhize (Zamokwakhe).
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aKwaMakhutha aphenya icala lokufa komuntu ngemuva kokuthi kutholakale isidumbu sowesilisa singenawo amanxeba okulimala.
“Silinde imiphumela yokuhlonzwa kwesidumbu ezocacisa ngokufa kwalo muntu,” kusho uZwane.