KUDUTSHULWE kwabulawa osomatekisi ababili, ezehlakalweni ezehlukene eThekwini esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezimbili.
Isehlakalo sakamuva senzeke ngoMsombuluko ekuseni eLindelani lapho usomatekisi uMnuz Jabulani Msomi (43) obesemotweni yakhe evukelwe amadoda amdubule washona.
Lesi sigameko silandele esenzeke ngoMgqibelo ntambama eCornubia lapho usomatekisi oneminyaka engu-45 engenelwe kwakhe abantu abamdubule washona phambi komndeni wakhe.
Ozibonele ngawakhe esigamekweni saseLindelani, ocele ukuthi ligodlwe igama lakhe, uthe kumethusile okwenzekile ngoba kwenzeke ngokuphazima kweso.
"Bengimile emgwaqweni ngesikhathi kuqhamuka lezi zimoto zilandelana (ekamufi phambili, nebihamba abasolwa ngemuva). Imoto emhlophe ebihamba abasolwa, bekungathi izama ukudlula ekamufi, kodwa kwazwakala sekuqhuma isibhamu. Ngithuke ngoma ngibona ubukhulu besibhamu nami ngazama ukucasha," kusho yena.
Uthi umufi ubeyedwa emotweni ngesikhathi ehlaselwa futhi imoto yakhe ime lapho edutshulelwe khona kwaze kwafika amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi.
"Ngisabile ukusondela emotweni. Kodwa abantu bagijime bayolunguza emotweni, babuya bebabaza isihluku," kusho ozibonele.
Okhulumela usoseshini waseLindelani, uMnuz Bhekumuzi Shinga, uthe sibethusile isigameko sokubulawa kukaMsomi . UShinga uthe lesi sigameko senzeke ngesikhathi besavalile kusoseshini okulindeleke ukuthi bavule ngoLwesithathu.
Uchaze umufi njengomuntu obebhekele kakhulu ezokuphepha kulo soseshini futhi ebambe ehhovisi elibhekele ukuqoqwa kwemali njengoba usoseshini usavalile.
Asihambisani nokubulawa kwabantu embonini. Okwenzekile kusethusile ngoba bekungalindelwe muntu. Siwusoseshini ongenazo izitha,” kusho uShinga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe ngoMsombuluko ekuseni ngo-8:45 amaphoyisa aseNtuzuma athole ucingo obeluwazisa ngesigameko sokubulala esenzeke emgwaqweni uDukuza.
Uthe amaphoyisa anikele endaweni yesehlakalo afica isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-43 sinamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni.
Uthe ayaziwa imbangela yalokhu kubulala, amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
Unobhala weSantaco eThekwini kwisifunda iGreater North, uMnuz Bheki Mthembu, uthe usomatekisi odutshulwe eCornubia ubesebenza kososeshini abehlukene.
Uthe bashaqekile abebekade besebenza naye kusoseshini wamatekisi osuka eNanda uye eVerulam ngoba umufi ubengakaze anyathele muntu amakhona. Uthe kwabona abayazi imbangela yokubulawa kwakhe.