BATHWALE kanzima abashayeli bezimoto ezincane ezithutha abantu iTaxify ne-Uber ngesikhathi bevinjezelwe osomatekisi enkundleni yezemidlalo eChesterville, eThekwini, ngoLwesihlanu.
Laba bashayeli abebengaphezu kuka-20 kuthiwa bavaleleke kule nkundla usuku lonke, osomatekisi bososeshini bezindawo ezakhele iTheku “bebathumbe” nezimoto zabo, befuna uR5 000 imoto ngayinye ukuze idedelwe. Ngokusho komunye wabashayeli beTaxify, yena nozakwabo bavinjezelwe yizimoto ezincane ezintathu ngesikhathi bepake ngaphandle kwaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eHoward College ekuseni.
“Kufike osomatekisi abathathu kithina basiphoqa ukuthi sibalandele siye emhlanganweni ophuthumayo. Sifike enkundleni yezemidlalo eChesterville sekukhona ezinye izimoto ezingaphakathi zeTaxify neze-Uber,” kusho lo mshayeli.
Uthe lezi zimoto bezihamba zivinjwa ezindaweni ezahlukene, zibizelwa kulo mhlangano mbumbulu.
“Ubungekho umhlangano, bebezositshela ukuthi abafuni ukuphinde basibone sisebenza ngoba asinazo izimvume zokuthutha abantu. Bathe imoto ngayinye izodedelwa ngoR5 000. Bagcine sebethi asikhokhe uR500 ngokubona kuqhubeka isikhathi,” kusho lo mshayeli.
Omunye umshayeli uthe basizwe ukufika kwamaphoyisa abehlome eyizingovolo, aphoqe labo somatekisi ukuthi babadedele.
“Sesihamba sijeqeza ngoba bathe i-hoot yemoto soyishaya ngesiphongo. Izindawo ezisemalokishini sesiyasaba ukuzihambela ngoba asazi siphephe kangakanani,” kusho omunye umshayeli.
Uthe abazi lo msindo ususwe yini ngoba bebazi ukuthi iseGoli kuphela lapho abangabafuni khona.
NgoMashi nonyaka ePitoli kubulewe ngesihluku isitshudeni saseNanda, uSiyabonga Ngcobo, esasingumshayeli weTaxify.
Usihlalo kasoseshini waseChesterville uMnuz Mbongeni Mkhize uthe bangu-12 ososeshini abangaphansi kweTheku abangeneme ngokusebenza kwezimoto zeTaxify ne-Uber.
“Sekuphele amasonto amathathu sizama ukuhlangana nezikhulu ze-Uber neTaxify kodwa sihluleka. Sibone kungcono ukuthi sivimbe izimoto zabo ukuze basondele kithina. Abakwazi ukungena emsebenzini wethu sithule nje,” kusho uMkhize.
Uthe kuzosiza ukuthi le nkinga isheshe ixazululeke ingaze iphume esandleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseCato Manor abizelwe kule ndawo ukuyoxazulula isimo, alikho icala elivuliwe.