LISHONE izolo ngemuva kokugula isikhashana ijaji laseNkantolo yoMthethosisekelo ebese lithathe umhlalaphansi uThembile Skweyiya.
Izolo ibingena ingenile imiyalezo yenduduzo ngokushona kukaSkweyiya.
“Sizitholile izindaba zokushona kweJaji uSkweyiya, sidabuke kakhulu. Ulisebenzele izwe ngobukhulu ubuhlakani engummeli olwa nohulumeni wobandlululo, eyisishoshovu esilwela amalungelo abantu waphinda waba yijaji laseNkantolo eNkulu nelaseNkantolo yoMthethosisekelo eNingizimu Afrika,” kusho isitatimende esikhishwe ngumengameli wamaJaji, uMogoeng Mogoeng.
USkweyiya (76) ushone eseyijaji elengamele ukuhlolwa kwamajele (inspecting judge) okuwumsebenzi aqokwa kuwo nguMengameli Jacob Zuma abesawenze izinyanga ezine kuphela.
Wazalwa eWorcester, eWestern Cape, ngo-1939. Wafundela ubumeli e-University of Natal kusuka ngo-1963 kuya ku-1967.
Waqashwa waba ngummeli KwaZulu-Natal ngo-1970, waphinde waba wummeli enkantolo eNkulu eLesotho naseNamibia ngo-1974.
“Ubengomunye wabantu base-Afrika ababe negalelo elibalulekile kwezomthetho, waze waba ngumuntu wokuqala wase-Afrika ukunikwa isikhundla sokuba yiSenior Counsel ngo-1989,” kuqhuba isitatimende.
“Njengoba ebewungoti we-commercial law iJaji Skweyiya ubengathola umsebenzi onemihlomulo emihle kabi kepha uthando lwakhe lobulungiswa nenkululeko luholele ekutheni isikhathi esiningi enze imisebenzi ehambisana nokulwela amalungelo abantu nenkululeko.” Waba yijaji leNkantolo eNkulu yaseKZN ngo-2001, ngonyaka olandelayo wakhuphukela eNkantolo yoMthethosisekelo athathe umhlalaphansi kuyo ngonyaka odlule.
“Amagalelo akhe ekuthuthukiseni umthetho ayaziwa futhi anconywa emhlabeni jikelele. uzokhunjulwa kakhulu ngobuhlakani bakhe, ukuthobeka nelukuluku lokulwela amalungelo abantu, ekwazi ukusebenza ngokuzimela futhi ewuqonda kahle umthetho obusa intando yabantu. Impela bekumnandi kakhulu ukusebenza naye, enokuthula. Ilahlekelwe kakhulu iNingizimu Afrika, sizomkhumbula.”
USkweyiya ushiye emhlabheni inkosikazi, uSayo nezingane ezine.