BASASHAQEKILE abantu abakhele uMasipala waKwaMhlabuyalingana ngokushona kwekhansela le-IFP, uMnuz Mayeza J Mthembu, okuthiwa uwe ephezu kwendlu efulela, wagcina eshonile.
IMeya yaKwaMhlabuyalingana, uMnuz Nkululeko Mthethwa, ithe bafe olwembiza ngokudlula kukaMthembu ngoba ubekhuthele kakhulu esebenzela abantu.
“Ulimale efulela indlu ekhaya kwakhe nendodakazi yakhe. Ngesikhathi egibeza amapulangwe uwile washayeka kabi ngesiphundu, waphuthunyiswa emtholampilo, wadlulela esibhedlela, wagcina eshonile. Siyazwelana kakhulu nomndeni nabo bonke abasondelene naye,’’ kusho uMthethwa.
Uthe umufi ubekhuthele, eshesha ukubamba izinto ezimaqondana nomsebenzi kamasipala, ebambisene kahle nabo bonke abantu, sekungathi kade waqala ekubeni efike ngo-2016.
USihlalo we-IFP eKZN, uMnuz Thamsanqa Ntuli uthe uMthembu bamazi eyindoda ebizimisele ngomsebenzi wayo, iyisikhwi-shikhwishi.
Udlulise amazwi enduduzo emndenini. Uthe beyiqembu bagqemeke engeqiwa ntwala ngekhansela labo.
“Ubehlala exhumana nobuholi kuwo wonke amazinga, ebika ngomsebenzi abawuqhubayo, ezikhandla. Ngaso sonke isikhathi besiziqhenya kakhulu ngaye, ewumuntu othembekile eqenjiniSitholile ukuthi ubesebenza ekhaya walimala ewa phezu kwendlu wagcina eshonile,’’ kusho uNtuli.
Uthe beyiqembu bazozama ukuyovela emndenini, bayobabaza kuleli sonto eliqalayo kusasa. Kuthiwa nekhokhasi ye-IFP emkhandlwini ibinomunyu ngokwedlula kukaMthembu ngoba bekungelinye lamakhansela abegqamile ngenxa yomsebenzi wakhe nokuthanda abantu ababasebenzela endaweni.
Kuthiwa nasemzini wakhe ubeyindoda ekhonze ukuzibambela emsebenzini wasegcekeni, alimale ematasa nawo efulela indlu nendodakazi.
Umufi ubezinze ku-ward 2 esigodini eHangaza. Kuthiwa kulindeleke afihlwe ngoDisemba 6.
uMnuz Mayeza Mthembu, okuthiwa uwe washona