UJABULA abuye nganeno owesifazane ongowokuqala KwaZulu-Natal ukuthweswa iziqu zePhD kwiStatistics.
UDkt Nonhlanhla Yende-Zuma (40), waseNtabamhlophe, e-Estcourt, uthole lezi ziqu e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). Yize kumjabulisa ukuqopha lo mlando, kuyamkhathaza ukuthi baphi abanye abesifazane abamnyama kulo mkhakha. UDkt Yende-Zuma uyiNhloko eCentre for the AIDS Programme of Research in South Africa (Caprisa).
Kumthathe iminyaka eyisihlanu ukuqeda iPhD athe ubephazanyiswa wumsebenzi wokuba yinhloko yeCaprisa.
“Bekungelula kodwa bengingeke ngiyeke ngingakutholanga lokhu engikufunayo. Ngilokhu ngizibuza ukuthi abasuke befunde iStatistics baphelelaphi njengoba ngibe ngowokuqala owesifazane omnyama ukuba nePhD. Yize abanye bengacabanga ukuthi sengiqedile, umsebenzi yima uqala ngoba sengifuna ukulandelwa abanye kwiPhD,” echaza.
Uthe okuzokwenza bangandi abafunda bagogode kulo mkhakha, wukuthi izingane zifundiswa iMaths Literacy ezikoleni. Uveze ukuthi akathathwa umfundi onalesi sifundo emkhakheni wakhe. Uyasola ukuthi ukwesaba iMaths yikona okwenza bashode abaphumelelayo.
Ocwaningweni lwakhe lwePhD ubegxile ekulashweni kwabanegciwane lengculazi nofuba.
Echaza ngomsebenzi wakhe uthe kulo mkhakha babheke ekucwaningeni bese bethula izibalo. Bonke abacwaningi bathembele kubona ngoba yibona abaphethe izibalo.
“Uma kuzokwenziwa ucwaningo kumele sibheke ukuthi bangaki abantu abadingekayo kulona. Uma kukhona abashonayo ngenxa yezifo sibheka ukuthi bangaki, nokuthi bangaki abathelelekile. Konke lokhu kudingeka uma abacwaningi bezokhipha izibalo. Sibhala imibiko eshicilelwa nakwamanye amazwe,” kusho yena.
Ngaphambi kokuba yiNhloko yeCaprisa, uDkt Yende-Zuma waqala ukusebenza kule nhlangano ngo-2006 esaqeqeshwa. Ubesebenza njengeBio-Statistician. Ngaphambi kwalokho waqala ukufunda e-UKZN enza iScience Foundation ngo-2001. Wabuye wenza iDegree kwiStatistics, waqeda ngo-2004, walandela ngeHonours ngo-2006. Ngo-2008 wenza iMaster’s waqeda ngo-2010. Wakhushulelwa esikhundleni sokuba yiNhloko kwaCaprisa ngo-2017.