KUSHAYISANA imibono emabandleni ngokuvulwa kwawo njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa, ememezele ukuthi uyawakhulula ukuthi angaqhubeka nezinkonzo ngaphansi kwemibandela, njengoba izwe lingena esigabeni sesithathu sokumiswa kokusebenza okwejwayelekile ezweni.
Lokhu kulandela ukuthi amabandla amakhulu njengeZCC, Methodist Church (amaWeseli), Shembe namanye esephumele obala ukuthi awazukubuyela ezinkonzweni okwamanje.
Isekethe yaseMethodist Church eseMlaza, iDurban Circuit 712 ngaphansi kukaMfundisi Sakhile Makhaye, ithe yona kayizovula.
UMfundisi Makhaye uthe: “Ngenxa yokuthi isekethe ayimile kahle emalini ngeke sikwazi ukuvula ngoba imithetho esibekelwe yona ngeyokuthi kumele sibe nenkampani ezohlanza izindawo zokukhonzela enesitifiketi.
“Ubuholi obukhulu bebandla buthe kumele kube yisinqumo somfundisi waleyo sekethe ukuvula noma ukungavulwa,” kusho uMfundisi Makhaye.
I-Durban 712 ingenye yamasekethe amakhulu nenamagatsha amaningi, ingaphansi kukaMbhishobhi Linda Mandindi, eNatal Coastal Synod.
UMbhishobhi Thamsanqa Dlamini weMethodist Church ohola amasekethe aseNatal West Synod, uthe bazoba nomhlangano ngoLwesine eMgungundlovu, okuyiwona ozobanika umhlahlandlela ngokuzokwenzeka.
“Okwamanje akukho okuzoqhubeka okuthinta izinkonzo kuze kube siba nalo mhlangano,” kusho uMbhishobhi Dlamini.
IsiFundabhishobhi saseThekwini samaKhatholika, sithe amasonto angaphansi kwaso ngeke avulwe kuze kube uCardinal Wilfrid Napier noma * -Archbishop Abel Gabuza benza isimemezelo.
Isolezwe ngeSonto lithole incwadi ebhalwe ngu-Archbishob Wilfred Napier eyalela iziphathimandla ukuba zigavulwa izimishini.
Izinhlangothi eziningi zebandla lakwaShembe ziveze ukuthi zizolinda abaholi bazo ukuthi kube yibona abazikhululayo ukuthi sezingaqhubeka nokukhonza.
AbaseThembezinhle kuleli bandla bathi basazoba nomhlangano kusasa ukuze bafinyelele esinqumeni sokuthi bayabuyela yini enkonzweni.
NgoLwesihlanu i-Anglican Church of Southern Africa ikhiphe isitatimende esicacisa ngokubuyela kwayo enkonzweni.
Esitatimendeni ithe ithathe iseluleko ku-Archbishop Thabo Makgoba, ohola leli bandla ukuthi amakholwa angaphuthumi ukuya ezinkonzweni.
Bathi bazoqala baqinisekise ukuthi kuphephe ngokwanele ukuthi amakholwa asengaya ezinkonzweni. Bonke abazalwane bazokwaziswa ungakapheli uJuni ngokuzokwenzeka ngezinkonzo.
Kuleli sonto uMfundisi Kenneth Moshoe we-ACDP ukushayele ihlombe ukuvulwa kwezinkonzo njengoba bese kunesikhathi ecela kuRamaphosa ukuthi akhulule amasonto, waze wambhalela nencwadi.
UKUSHAYELE ihlombe ukukhululwa kwamasonto uMfundisi Kenneth Meshoe we-ACDP njengoba kudala ayenxenxa uhulumeni ukuthi awakhulule Isithombe: SIGCINIWE
UMkhandlu wamaBandla iSouth African Council of Churches (SACC) uthi akwehli kahle kuyona ukuthi kube namabandla athi ngeke avule njengoba kuxegiswe imithetho yomvalelandlini, yize uhulumeni esewakhululile.
Okhulumela iSACC, uMbhishobhi Lucas Ngoetshana, uthe akukho okubi abakuhlosile ngokuthi akuvulwe amasonto.
“Besifuna ukuthi namasonto angasali ngaphandle ezintweni ezikhululwayo njengoba bekuthiwa azoze akhululwe uma izwe selisesigabeni sokuqala. Sibone ebalulekile ukuthi nawo awakhululwe kusemanje. Kusiphethe kabuhlungu ukuthi kukhona angazimisele ngokwenza kanjalo kodwa sisaxoxisana nawo ukwenza umqondo ukuthi kungani sithi awakhululwe,” kusho uMbhishobhi Ngoetshana.
Uthe baveze uhlelo olucacile kumengameli lokuqinisekisa ezokuphepha emabandleni yingakho bevunyelwe. Uthe uma kukhona amabandla angayilandeli imigomo ebekiwe kuzophoqa ukuthi amiswe lawo mabandla.