MINENHLE MKHIZE
K USEMNYAMA namanje ngekusasa lesilomo seKaizer Chiefs uRenielwe “Yeye” Letsholonyane ophelelwa yinkontileka kuMakhosi ngoJuni.
ULetsholonyane (33) ubuye kwezwakala kuChiefs ngoLwesithathu ngesikhathi ibhekene ne-University of Pretoria eTuks Stadium. Usize leli qembu lanqoba okokuqala ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili lingawini.
IChiefs ithele othulini amaTuks ngo 2-1 wamagoli kaYeye nelikaWillard “King Salt” Katsande.
Imenenja yakhe uSteve Kapeluschnik utshele Isolezwe ukuthi abakafiki esivumelwaneni neChiefs ngenkontileka entsha.
“Njengamanje akukho okusha okusenzekile phakathi kukaLetsholonyane neChiefs. Akukavunyelwana ngalutho njengamanje. Indaba yokuvuselelwa kwenkontileka yomdlali yinto ethatha isikhathi. Mayelana nokuthi akhona yini amaqembu asithintayo ngaye ngicela ukungaphawuli. Wena thatha lokhu engikutshela khona ukuthi akukho okusenzekile phakathi kukaLetsholonyane neChiefs,” kusho uKapeluschnik.
UStuart Baxter usanda kuphumela obala ngothando lwakhe lokuthi aphinde asebenzisane noLetsholonyane. Njengamanje uBaxter obelolonga iChiefs ngesizini edlule upheka iSuperSport United.
ULetsholonyane wafika kuChiefs ngo-2008 esuka kuJomo Cosmos. Kuleli qembu usehlale iminyaka eyisishiyagalombili. Asikho isicoco angakaze asinqobe. KuBafana Bafana udlale imidlalo engu-50.
Ngo-2010, uLetsholonyane ubekhona esikwatini seBafana ebesidlala eNdebeni yoMhlaba. Ngo-2013 nango-2015 lo mdlali ubekhona ku-Africa Cup of Nations (Afcon) eNingizimu Afrika nase-Equatorial Guinea.
Emidlalweni edlule uLetsholonyane uke wangabonakala ngenxa yokulimala. Nangesizini edlule iChiefs izithole isenkingeni efanayo kuphela izinkontileka zabadlali abamqoka.
Bekuphela eka-Itumeleng Khune, Tefu Mashamaite nekaMandla Masango. UMashamaite noMasango bagcine behambile. Bobabili sebedlala eSweden kanti uKhune wake wahlala engenankontileka kodwa wabuye wazehlisa wayisayina inkontileka entsha.
Kulokhu abaphelelwa yizinkontileka nguLetsholonyane, Riyaad Pieterse noMorgan Gould ovele ulizwa ngendaba ijezi kuMakhosi.
Amakhosi ahlalelwe yinselelo yokuvuselela izinkontileka zala badlali nje abalandeli bawo bafuna ukubona nobuso obusha ngesizini ezayo. Leli qembu lizoqeda isizini ka-2015/2016 lishwiba izandla. Lihlulwe wukuvikela isicoco se-Absa Premiership neseMTN 8. KuTelkom Knockout iChiefs ishaywe yiMamelodi Sundowns kowamanqamu kwathi kuNedbank Cup yakhishwa yi-Orlando Pirates kuLast 32.