MBALI KHANYILE
OWESIFAZAME waseLamontville, obone abazali bakhe abagxotshwe ngabantu abebephuma ukuyontshontsha ukudla eMlazi Megacity ngeSonto eledlule, uthi usekude wukukhohlwa yisithombe sokufa kwabazali bobabili phambi kwakhe.
UNkk Lindiwe Blose (57) noMnuz Themba Blose (59 ) kubikwa ukuthi babelubangise enxanxatheleni yezitolo zakuleli lokishi, beyothenga igilosa ngenkathi behlangana nequlu labantu ebhulohweni okuwelwa kulo.
Iqulu ebaqhamuke selibaleka liphethe izimpahla zegilosa zazintshontshwe eMlazi Megacity, lihlangane nabazali bakhe abewela, maqede labathela phansi.
UNksz Blose nomyeni wakhe kubikwa ukuthi bawa phansi, banyathelwa ngabantu ababephambana nabo ebhulohweni.
Kwagcina ngokuthi bashone, izidumbu zabo zaphonseka emfucuzeni eseduze kwebhuloho.
"Angazi nokuthi sizobafihla kanjani abazali njengoba isimo salapha ekhaya singesihle. Siphila ngemali yamatoho nawo abuye asiphelele. Yingakho sididekile futhi singazi ukuthi sizokwenzenjani njengoba sikhungethwe yilesi sehlo," kuzikhalela uNksz Blose.
Esithangamini sabezindaba ngoLwesihlanu ePretoria, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, oyibamba likangqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uthe amaphoyisa amatasa nezinhlelo zokudambisa isimo.
"Ophenyweni lwakamumva amaphoyisa abophe abasolwa ababili eMobeni, eThekwini abatholwe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-4000 ngoLwesithathu. Kuphinde kwatholakala amagobolondo angu-1050 ezinhlamvu ebhokisi, okukhomba ukuthi belilahliwe. Ngalo lolu suku kwatholakala elinye ibhokisi ebelinamagobolondo abelahliwe," kubeka uNksz Ntshavheni.