UKUBOSHWA kweMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa izolo, kuzoyinqinda amandla ingabe isakwazi ukwenza umsebenzi wayo ngokukhululeka ngenxa yemibandela yebheyili eqinile enikwe yona.
UNkk Gumede, ikhansela lomkhandlu uMnuz Mondli Mthembu nosomabhizinisi uMnuz Craig Ponan, izolo bavele enkantolo yamacala ezimali eThekwini ngezinzolo zonkohlakalo nokukhwabanisa. Badedelwe ngebheyili kaR50 000, umuntu emunye.
UNkk Gumede noMthembu basolwa ngokuthi basebenzisa amandla abo ezepolitiki ngesikhathi kukhishwa ithenda yokuqoqwa kukadoti kaR45 million, ngo-2018.
UNkk Gumede obebukeka engethukile evela enkantolo, ubeswenke econsa egqoke ingubo ebomvu.
Imibandela yebheyili enikwe uNkk Gumede ithi, akumele azibandakanye nezinhlelo zomkhandlu nokuthi kumele angaxhumani nezikhulu eminyangweni eyahlukene yomkhandlu kubalwa okhipha amathenda, owakwaDSW nokuthi akumele athathele izikhulu izinyathelo.
Omunye umbandela uthi kumele anikeze amaphoyisa amaphepha akhe amgunyaza ukuthi aphumele ngaphandle kwezwe. Kuthiwe futhi kumele abikele umphenyi wecala uma ezophumela ngaphandle kwesifundazwe futhi angahlangani nofakazi.
Inkantolo iphinde yezwa ubufakazi obuthi uMthembu wabizela osonkontileka abathola ithenda eCity Hall lapho abatshela khona ukuthi umsebenzi wabo uzokwandiswa ngokuthi baqoqe nodoti olahlwa ezindaweni ngokungemthetho.
UMthembu kuthiwa watshela labo sonkontileka ukuthi kukhona osonkontileka okumele basebenze nabo kulo msebenzi kaR5 million, phezu kwethenda enkulu kaR45 million.
Inkantolo iphinde yezwa ubufakazi obuthi labo sonkontileka abanikwa ithenda, abane babengekho ohlwini lwezinkampani ezibhalisele ukuthola amathenda eThekwini nokuthi babengenazo izitifiketi zokuqoqa udoti.
Okunye okuvelile ukuthi owayeyimenenja yoMkhandlu, uMnus Sibusiso Sithole, waxoshwa ngoba anqaba ukusayina ukuthi kukhokhelwe osonkontileka bakadoti ngendlela engekho emthethweni.
IMantshi uDawn Somarro izwakalise ukukhathazeka ngokuthikamezeka kophenyo nokuvikeleka kofakazi njengoba uNkk Gumede engeke aze amiswe emsebenzini.
Ngemuva kokulalelwa kwecala, abalandeli bakaNkk Gumede basebenzise izikhwama namajakhethi abo ukuvimba izintatheli ukuze zingabathathi izithombe.Izintatheli eziningi azikwazanga ukuthola izithombe zabasolwa ngoba baphume ngomunye umnyango hhayi lapho bebelindelwe khona.
Kube nokujijelana ngamazwi phakathi kwezintatheli nabalandeli bemeya nokuholele ekutheni amaphoyisa angenelele.
Emva kwalokho bagxobe itoyitoyi ngaphandle kwenkantolo becula bethi ‘Wenzeni uMama?’.
Okhulumela uMkhandlu weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bayaluthemba uhlelo lwezobulungiswa kuleli, wengeza ngokuthi banethemba lokuthi lolu daba luzosingathwa ngenhlonipho nokuthembeka.
“Siyawuhlonipha umgomo othi umuntu umsulwa kuze kube utholwa enecala, siyakholelwa ekusebenzeni komthetho kodwa siyazi ukuthi ezinkantolo zabantu, kushiwo noma yini, sinxusa bonke abantu ukuba bahloniphe inkantolo njengoba kuyiyo kuphela ezokhipha isinqumo,” kusho uMayisela.
Okhulumela oKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe bakhona abanye abantu abasazoboshwa eThekwini njengoba kusaqhubeka uphenyo.
UMulaudzi uphinde wakuqinisekisa ukuthi uNkk Gumede uzinikele emaphoyiseni izolo ngabo-6:30 ekuseni.
Uphikile ukuthi oKlebe bebezindela ukubopha uNkk Gumede ngaphambi kokhetho ngoba bengafuni ukuthela i-ANC ngehlazo.
Ukuboshwa kukaNkk Gumede nalaba ababili abevele nabo enkantolo, kulandela ukuboshwa kwezinye izikhulu zomkhandlu nazo esezike zavela enkantolo zadedelwa ngebheyili kaR50 000, umuntu emunye.