ISIKHULU esiphezulu kwaSassa uNkk Busisiwe Memela-Khambule useshaqe abaningi edalula ukuthi iSassa isakhokhele abantu abayishumi kuphela isibonelelo sikaR350 sabantu abangasebenzi ukuvivinya ukusebenza kohlelo.
Ezinkudleni zokuxhumana kusukela ngesonto eledlule ilokhe ingene njalo imibuzo abantu befuna ukwazi ukuthi bazoqala nini ukuhola R350 owamenyezelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa njengengxenye yezinhlelo zikahulumeni zokutakula abantu abahluphekayo kuleli ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu ngeledlule waveza ukuthi bazoqala ngoLwesihlanu (Meyi 15) ukukhokhela abantu ababhalisele ukuhola lesi sibonelelelo. Kushaye uLwesihlanu ngeledlule iSassa isithole izicelo eziwu-3.5 million. Kulezi zicelo, eziwu-2.3 zithunyelwe nge-SMS, eziwu-485 657 zithunyelezwe kuWhatsapp, eziwu-204 434 zithunyelwe kwi-website, kanti eziwu-50 000 zithunyelwe nge-email.
Ekhuluma ngoLwesihlanu ngabo-2.30 ntambama emsakazweni iSAFM, uNkk Memela-Khambule uthe basakhokhele abantu abayishumi kuphela. Uthe kuningi okumele kubhekwe ngaphambi kokuthi abantu bathole izimali athe yikho okwenza lolu hlelo luhambe kancane. Uthe kuzophela usuku lwanamhlanje sekukhokhelwe abawu-100 000.
"Sesithole izicelo eziwu-4.9 million. Uma sithola izicelo kumele siqisekise ukuthi abekho abazithumele kabili ukuze bahole kabili. Kumele sibheke ukuthi umuntu ofaka isicelo akasiholi yini esinye isibonelelo sikahulumeni. Sibe sesithumela leyo mniningwane eSARS, yikho lolu hlelo luthatha isikhathi eside kangaka," kusho uMemela-Khambule.
"Ngeledlule sivivinye indlela yokusebenza sakhokhela abantu. Sesithumele imiqhafazo engaphezulu kuka-100 000 kubantu abazoyithola le mali, ngokuhamba kwesikhathi lolu hlelo luzoshesha kakhulu. Uma sekufakwe eminye imininingwane yabo siyabakhokhela ngoLwesihlanu (namhlanje). Kodwa okwamanje kuleli sonto sisakhokhele abantu abalishumi ukuvivinya indlela yokukhokha esiyisebenzisayo."
Kwabafaka isicelo, kudingeka babe neminyaka ewu-18 nangaphezulu, kudingeka inombolo kamazisi, eyocingo, i-akhawunti yasebhange nekheli lalapho behlala khona.
Abadinga isibonelelo sabangasebenzi bangafaka isicelo ngokuthumela uWhatsApp ku-0600 123 456 noma bathumele i-email [email protected].