NKOSIKHONA CELE
KUBE ongaphansi nongaphezulu ubaba nendodana behluthana ngesibhakela bebanga intombi eMzimkhulu.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, injabulo iphenduke usizi emndenini wakwaMaduna ngemuva kokuba indodana endala yakulo muzi ifike nesinqandamathe sayo izosazisa abazali bayo.
Umthombo, olazi ukusuka nokuhlala udaba, uthi indodana, uMnuz Melusi Maduna, wenze lokhu engazi ukuthi kanti intombi azoyethulela abazali bakhe ithandana noyise.
Kuthiwa uyise, uMnuz Gadla Maduna, uvele wahluthukelwa yinhliziyo wayingenela ngesibhakela indodana yakhe, ekhala ngokuthi iyamchwensa, izomazisa owesifazane naye ahlela ukumenza umfazi wesibili.
Kuthiwa indlela isimo ebesimuncu ngayo kuze kwaholela ekutheni nomama wekhaya ahlubuke, wayingenela ngemvubu intombi ebizokwethulwa njengoba ubekhala ngokuthi imudla izithende futhi ife….la indodana yakhe.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulume nayo indodana, yavuma nje kalula ukuthi kube nalesi sigameko.
Ithe bese kuphele iminyaka emibili bethandana nentombi yakhe acele ukuthi lingadalulwa igama lalo ephepheni.
Uyichaze njengomuntu wesifazane obebonakala ezithobile kakhulu futhi ongezwani nento ebhedayo.
Uthe yingakho ethuke woma nasozwaneni uma ethola ukuthi intombi yakhe ithandana noyise.
“Le nto eyenzekile iyangixaka futhi namanje ngisazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngempela yenzeke kanjani,’’ usho kanjena.
Udalule ukuthi ubezomazisa kubazali bakhe lo wesifazane ngoba ebehlela ukuthi amenze umfazi, konke lokho uthe sekuvele kwashabalala kalula kuhle okwamazolo ebona ilanga.
Uthe uyazisola kakhulu ngokubeka uyise isandla, wathi siphunyukiswe ukuthi uyise uvele wamnqaka ngesibhakela. Uthe bazoxoxa noyise bakhumelane umlotha.
Uyise uthe ubengaqondile ukuyibeka isandla indodana yakhe, wathi usuke wathatha ngenhliziyo nje.
Ukuqinisekisile ukuthi owesifazane, obezokwethulwa yindodana yakhe, naye ubehlela ukumenza umfazi wesibili.
“Okungixaka kakhulu ukuthi akakaze angazise mayelana nokuthi kukhona omunye wesilisa athandana naye. Impela ngimangele,’’ usho kanjena.
Kuthe uma intatheli imbuza ngobudlelwane bakhe nomkakhe, wathi ayiphume ezindabeni okungezona ezayo. “Lokho-ke ndodana akusadingi, wena phuma nje kukhona,’’ usho kanjena.
ISolezwe ngoMgqibelo libuze lo wesifazane mayelana nokuthi ubabhanqa kanjani ubaba nendodana, wavela waba namalimi, wathi lixhoshwa libhekile. Kodwa uthe ubenganalo ulwazi lokuthi laba ngabantu abahlobene.