BASALE beshaqekile osomatekisi baseVerulam, ngaphandle kwaseThekwini, izolo kudutshulwa usomatekisi wasoSindisweni, washona.
UMnuz Melusi Maxwell Mphiri (26), udutshulwe emini kwabha ngo-12 engazelele.
Abasondelene nodaba bathi bekungonakele lutho umufi ezihlalele etekisini, erenki yamatekisi aya e-Gateway, exoxa nabanye abashayela amatekisi, ngesikhathi kuqhamuka umuntu obehamba ngezinyawo wamdubula wabe esegibela imoto, esuke yahamba.
Kuthiwa kubaleke wonke umuntu ecasha, abanye bekhala ubumayemaye. Umufi udubuleke emzimbeni nasebusweni kwasala kugobhoza igazi phansi erenki.
Abezimo eziphuthumayo i-Reaction Unit South Africa (Rusa), bathumele isitatimende kwabezindaba bathi umufi ulethwe emahhovisi abo aseduze nerenki selidume ladlula.
“Kufike itekisi yapaka ngaphambi kwamahhovisi ethu, bekukhona abesilisa abaningi kulona. Behlile bememeza becela usizo. Etekisini bekunowesilisa obenamanxeba okudutshulwa emzimbeni nasebusweni. Uhloliwe ngabezimo eziphuthumayo kwatholwa ukuthi useshonile. Abebehamba nomufi bathe udutshulwe eserenki.
“Emuva kokudubula umsolwa kuthiwa ubalekile wayongena esihlalweni somgibeli kwi-Toyota Etios empunga evele yashaya yachitha naye. Abebekhona babe sebegibelisa umufi etekisini bamphuthumisa ukuba eyothola usizo,” kusho abe-Rusa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala, uphenyo luyaqhubeka.
Imenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, isigxekile lesi sigameko yathi amaphoyisa mawabophe abasolwa maduze.
“Esingakusho ukuthi izimo ezinjengalezi embonini siyi-Santaco, kasihambisani nazo. Manje sisesigabeni sokukhetha ubuholi obusha embonini, ngeke ke sathi lokhu yisizathu sokubulawa kwakhe lo somatekisi.
“Sifisa amaphoyisa aphenyisise ngalolu daba bese kuboshwa abasolwa. Sifisa nokudlulisa amazwi enduduzo emndenini nabasondelene nomufi,” kusho uShangase.
Imizamo yeSolezwe yokuthola umndeni kamufi kayizange iphumelele izolo njengoba izinombolo zingazange zitholakale.