INHLANGANO ebusayo izolo ituse amaphoyisa ngokuphuthuma kwawo emuva kokuthi iLungu lePhalamende likaKhongolose uMnuz Jackson Mthembu lidutshuliwe lalimala ngesikhathi kuphangwa kuhlonyiwe eWitbank.
“I-African National Congress iyakuncoma ukushesha kweSA Police Service ukubopha abasolwa ababandakanyeka esigamekweni sokuphanga kuhlonyiswe nokudubula ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC elike laba ngumkhulumeli wenhlangano kuzwelonke uJackson Mthembu,” kusho okhulumela leli qembu uMnuz Zizi Kodwa esitatimendeni.
Phambilini Brigadier Selvy Mohlala uthe abathathu bahlonywa imibuzo ngokudutshulwa kukaMthembu.
“Ngeke sithi baxhumene nokuphangwa kukaMthembu. Sisabahloma imibuzo,” kusho uMohlala.
Laba abathathu baboshwe eTzaneen, eLimpopo, ngoMsombuluko ebusuku lapho kutholakale kubo izimpahla ezintshontshiwe okubalwa i-laptop, amaselula namakhadi asebhange.
Lokhu kulandela ukudutshulwa kukaMthembu ngeSonto ebusuku ngesikhathi ekhipha imali kwi-ATM emgwaqeni uMandela eWitbank.
NgoMsombuluko ebusuku uKodwa uthe uMthembu uhilizisane nesigebengu ebesihlomile ebesimbamba inkunzi kwabe sekuqhuma inganono. Inhlamvu isusuluze esihlathini yamshaya ehlombe.
UMohlala uthe emuva kokuthi kuqhume isibhamu, indoda ehlomile nabathathu ebihamba nabo baye emotweni kaMthembu.
Abangani abane bakaMthembu bebemlinde emotweni.
Babambe inkunzi uMthembu nabangani bakhe babaphuca imali namaselula. – Sapa