KUNXENXWE amakhosi ukuba alekelele ngokudayisela osomabhizinisi abanezihlelo zokwakha izinxanxathela zezitolo umhlaba ukuze kulethwe umnotho ezindaweni zomphakathi.
Amalungu omphakathi waseHluhluwe nakwaHlabisa asabeke ithemba lawo ezitolo ezisedolobheni kuphela. Lokhu kudalwa ukuthi yizo kuphela ezikhona kule ndawo nokuphoqa ukuthi ahambe ibanga elide uma efuna ukukuthenga.
Emcimbini wokuthuthukiswa komphakathi obusezinkundleni yezemidlalo, eCwakeme, KwaHlabisa kwethulwe izinhlelo zakamumva zomkhandlu. Ngazo kuhloswe ukunqanda usizi olukhungethe amalungu omphakathi wakulezi zindawo.
Phakathi kwalezo ezibalulwe kulo mcimbi kubalwa ukwakhiwa kwezinxanxathela zezitolo eHluhluwe nakaHlabisa.
Ikhansela lendawo uMnuz Jeremiah Msizana obengomunye wabebehambele umcimbi, uthe umphakathi ungakuthokozelela kakhulu ukubona kusondela izinxanxathela zezitolo emakhaya ngoba kungenza isimo sempilo sibe ngcono kakhulu.
“Njengamanje azikho izindawo ezidayiswayo emakhaya kodwa ezisadayisiwe ngezomkhandlu. Yingakho- ke sicela kakhulu emakhosini ukuthi angenelele ezinhlelweni zokudayiswa komhlaba odingwa osomabhizinisi abanezinhlelo zokuletha intuthuko emakhaya,” kusho uMsizana.
Uthe ukudayiswa kwazo kuzolekelela kakhulu ekutheni kuthuthuke umphakathi futhi kuphucuzeke nesimo sempilo emakhaya.
Imeya yaseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Nkosi, uthe umkhandlu uhlose ukuqoqa uR2 million ngomhlaba ohlele ukuwudayisa.
“Leyo mali iyosilekelela kakhulu ukubhekana nesikweletu sama- rates esingu R32 million,” kusho uKhumalo.
Amalungu omphakathi abefike ngobuningi bawo kulo mcimbi abegqoke izikibha zeqembu le- IFP ebezibukeka zizintsha.
Amanye awo abegqoke amajazi abizwa ngezimpulampula ezinobuso bomholi we-IFP ongasekho uMangosuthu Buthelezi.
Esangweni lale nkundla yezemidlalo ubukhangwa yitende elincane le-IFP lapho abantu bebebhalisa kulo abanye bethatha nobulungu beqembu.
Ilungu lomphakathi uNksz Balungile Ngema waseCwakeme ubonge ukuzisondeza kommkhandlu kubantu. Unxenxe iziphathimandla zezokuphepha ukuthi zilusukumele phezulu udaba lokulahleka kwezingane endaweni.
“Okuningi kuhlukumeza thina singabesifazane futhi kubuhlungu ngoba namanje enye yezingane ayikatholakali,” kusho uNksz Ngema obekhala ngokunyamalala kwabantu endaweni ngenxa yobugebengu .