UNKOSIKAZI kaMengameli waseZimbabwe uMnuz Robert Mugabe, uNkk Grace Mugabe, usezwakalise ukukhathazeka ngokuziphatha kwamadoda abo amabili ahlala eNingizimu Afrika. Amadodana abo uRobert Jnr (25) noChatunga ngenyanga edlule baxoshwe endaweni abebehlala kuyo eSandton ebiza u-R70 000 ngezinsolo zokungaziphathi kahle.
Ngokwemibiko yaseZimbabwe, uGrace utshele amalungu omndeni ngokukhathazeka kwakhe ngesikhathi kugujwa usuku lwakhe lokuzalwa.
“Lokhu nginazisa ngoba akusho lutho ukuthi ingane izalwa ngubani. Zonke izingane aziziphethe kahle kulezi zinsuku. Sengike ngabona abazali begqoke izimpahla ezidabukile ngoba izingane zabo zifuna izimpahla ezibizayo ezisesitayeleni. Ezikoleni nakumaNyuvesi izingane zincintisana ngezimpahla, azisabalaleli abazali,” kusho yena.
Uqhube wathi kunemimoya emibi ehlasele izingane kulezi zinsuku.
“Imimoya yophuzo oludakayo, izidakamizwa, nezinye izinto ezixakile ezingenziwa yintsha. Uma ngingase ngithi bonke abantu besifazane abasukume bakhulume ngezingane zabo, bambalwa abangakhuluma ngazo ngaphandle kokukhala,” usho kanje.
Amadodana kaMugabe ngaphambi kokuthi aze kuleli abehlala ezweni laseDubai, okusolakala ukuthi alifulathele ngemuva kokubanjwa nezidakamizwa.