ABAZALI baphoqe umnyango wezemfundo ukuthi umise omunye wothisha baseSiphosabadletshe High, eHluhluwe, ngenhloso yokuvikela impilo yakhe njengoba esolwa ngokuba nesandla ekuhayizeni umlibe kwabafundi.
Basola lo thisha osesikhundleni nangokudala uqhekeko kothisha okugcina kuphazamisa ukufunda nokufundisa. Kuthiwa wamiswa nothishanhloko owagcina ehambile ngo-2017 ngenxa yokungqubuzana kwabo.
Kodwa kuthiwa uvumbuke ngonyaka odlule ngaphandle kwencazelo yokubuyiselwa kwakhe esikoleni, evela emnyangweni wezemfundo.
Ukuhayiza kwabafundi kuthiwa kuqale emasontweni amathathu edlule. Ngenxa yokubhebhetheka kwakho, uthishanhloko osabambile, ubize umhlangano womkhandlu olawula isikole kwase kubizwa nowabazali.
Emhlanganweni wabazali, kunqunywe ukuthi amiswe lo thisha osolwa ngokuphatha amakhathakhatha, kwabizwa abathandazi abafike bakhuleka esikoleni. Umzali womfundi obesemhlanganweni okuthathwe kuwo izinqumo, ongathandanga ukudalulwa ephepheni, uthe abazali baphoqe umhloli nomqondisi ehhovisi lezemfundo eMkhanyakude ukuthi bamise lo thisha.
“Selokhu ebuyile esikoleni ngonyaka odlule kuphazamiseka ukufunda nokufundisa futhi kunoqhekeko kothisha okuyinto ebingenzeki ngesikhathi emisiwe. Sisola lo thisha ngokuhayiza kwabafundi ngoba kunombango oshisa phansi wesikhundla sikathishanhloko. Njalo meke wanyathela emagcekeni esikole, bahayiza umlibe abafundi,” kusho lo mzali.
Lo thisha umiswe ngeledlule.
USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Nxeba Mhlongo, uvumile ukuthi lo thisha umiswe wumnyango.
Uthe abazali bafuna izincazelo ngokobuyiselwa kwakhe esikoleni.
“Kube nokuthula engekho, asisiboni isidingo sokubuyiselwa kwakhe ngoba isikole besenza kahle. Imiphumela ka-matric ibiwu-47% ngesikhathi esakhona, kamuva sithole * -76.3% esinovalo lokuthi uma eqhubeka esikoleni, izokwehla imiphumela,” kusho uMhlongo.
Umthombo weSolezwe okulesi sikole uthe lo thisha uqale ukusebenza ngo-2000.
Uthishanhloko okhona uneminyaka emithathu ebambe izintambo.
Uthe zehlile izigameko zokuhayiza kwabafundi njengamanje luyaphela usuku kusahayize ingane eyodwa noma ezimbili okanye kuthuleke usuku lonke.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bayabethemba ubuholi bomnyango esifundeni uMkhanyakude, nezinqumo ozithathayo.
“Sifuna kube nokuthula esikoleni, kungaphazanyiswa ukufunda nokufundisa. Siyethemba ukuthi isimo sizobuyela kwesejwayelekile maduze,” kusho uMthethwa.