UMENGAMELI Cyril Ramaphosa okwashicilelwa inkulumo yakhe engeyiyo ngeledlule kuSABC News. Isithombe: Reuters

ISOUTH African Broadcasting Corporation (SABC) ngoLwesibili imemezele ukuthi isimise abasebenzi abathathu nomunye ongaqashiwe ngokuphelele ngokusakazwa kwenkulumo kamengameli wezwe engeyiyo.

ISABC ithe lokhu kwenzeka ngo-6 ntambama kukhonjiswa inkulumo kamengameli Cyril Ramaphosa eyayiqoshiwe ayeyibhekise esizweni kulandela izigameko zokuhlaselwa kwabokufika nokubulawa nokudlwengulwa kwabesifazane kuleli. Uphenyo lweSABC luveze ukuthi konke kwakuhlelwe kahle ngosuku ukuze kungabi nobuhixihixi. 

Kutholwe ukuthi kunezinguquko ezenziwa ezingagunyazwanga ngabaphathi nokwaholela ekutheni kusetshenziswe inkulumo kaRamaphosa esazilungiselela okuyiyo okwakumele ikhonjiswe.  

"ISABC manje inobufakazi obukhomba ukuthi ukukhonjiswa kwenkulumo engeyiyo kwakuyitulo elalihleliwe ukuthunaza isithunzi seSABC ngokunjalo nomengameli," kusho iSABC esitatimendeni. 

ISABC ithe abasabenzi abasolwa ngokuthinteka banikeziwe ithuba lokuphendula kulezi zinsolo, inhlangano yabe isithatha isinqumo sokubamisa. 

Iveze ukuthi uphenyo lusaqhubeka. 


- African News Agency