AMAPHOYISA ambe ithuna elingashoni obekungcwatshwe kulo umbungu emzini oseMzumbe, KwaZulu-Natal.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe ngoMsombuluko ntambama uphiko lwamaphoyisa lezotakula ePort Shepstone nolwezinja abizelwe emzini thize obunethuna elingashoni ebekungcwatshwe khona umbungu isinyelela.
Amaphoyisa abehamba nenja ehogela umkhondo efike yakhonjiswa indawo, yangachitha sikhathi yaqonda lapho kungcwatshwe khona umbungu.
“Kube sekumbiwa le ndawo eyithuna elingashoni kwatholakala umbungu obugoqwe ngengubo. Ukhishwe emgodini wafakwa esikhwameni esincane sezidumbu wadluliselwa kubacwaningi bezidumbu abebekhona kulo muzi,” kusho uCaptain Gwala.
Kube sekuvulwa idokodo ngokufihlwa kwengane ezelwe esiteshini samaphoyisa saseHibberdene.
Kolunye udaba, kutholwe isidumbu ebese sonakele somuntu wesilisa ongaziwa eParadise Valley, ePinetown, izolo ekuseni.
Amaphoyisa ahamba nezinja ezihogela umkhondo nakaMasipala weTheku, abizelwe kule ndawo ngemva kokuthi umuntu obezihambela ngezinyawo ebone isidumbu ebesintanta emfuleni uMbilo ngasemgwaqweni u-Eden.
Isidumbu sikhishwe emfuleni sayobekwa emgwaqweni ngaphambi kokuthi sidluliselwe emaphoyiseni asePinetown.
UCaptain Gwala uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu.