IZIGULI bezijikiswa esangweni izolo emtholampilo eMzamo, KwaSanti, abahlengikazi bethi abakwazi ukusebenza emva kokuntshontshwa kwamakhompyutha anemininingwane yeziguli.
Abahlengikazi bebeme ngaphambi komnyango womtholampilo bethi kunzima satshe ukuthi basebenze njengoba bethuswe yisigameko esehlele unogada wakulo mtholampilo okuthiwa ukhonjwe ngezibhamu ngamadoda angaziwa, ambopha izandla, amvala namehlo ngaphambi kokuthi agqekeze amahhovisi.
Kuthiwa la madoda abambe unogada ngendluzula maqede ambopha izandla. Aqhubekele ehhovisi lomphathi nakwamanye amahhovisi anamakhompyutha agcina imininingwane yeziguli agqekeza athatha amakhompyutha maqede abaleka ngemoto.
Abasebenzi bakulo mtholampilo abebebonakala bethukile bebemi emnyango ongenela kuwo bethi bayesaba ukungena ngaphakathi. Iziguli bebezijikisa esangweni bethi akusetshenzwa.
Esinye isiguli esikhulume naleli phephandaba sithe abahlengikazi abazange bachaze ukuthi kwenzenjani kuphela nje bebethi akusetshenzwa.
“Bebencike ngezindonga basitshela ukuthi asigoduke ngoba abasebenzi. Uma uze emtholampilo usuke ufuna usizo kunzima uma uzotshelwa ukuthi akusetshenzwa, akekho nozikhathaza ngokukutshela ukuthi kungani kungasetshenzwa. Njengoba kungashiwo lutho asazi noma kusasa kuzobe kusetshenzwa yini,” kukhala isiguli.
Umphathi womtholampilo, oficwe yiphephanda ematasatasa ebhala umbiko ochaza ngalesi sigameko, uthe akavumelekile ukukhuluma nezintatheli, umbiko ochaza ngaso uzowuthumela kubaphathi bakhe.
Lo mbiko ubewubhala ngesandla ngoba ikhompyutha ayisebenzisayo nayo yebiwe. Izingidi obekukhiywe ngazo amahhovisi bezinqanyuliwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe eliphenywa ngamaphoyisa aseMariannhill.
“Ngokuthola kwethu unogada obesemsebenzini kulo mtholampilo ubhozonyelwe ngamadoda angaziwa izolo. Amadoda abehlome ngezibhamu ambophe izandla amvala namehlo, antshontsha amakhompyutha maqede abaleka ngemoto. Okwamanje akukaboshwa muntu,” kusho yena.
Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Musawakhe Mayisela uthe bakhathazekile ngesimo esibhekene nalo mtholampilo ongena ngaphansi kukamasipala.
“Okwamanje silindele umbiko ogcwele ngokwenzekile. Sikhathazekile ngokuthi abantu bangalutholi usizo. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile,” kusho uMayisela.