OGAQELE isikhundla sokuba ngumengameli we-ANC, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe nakuba ekuhlonipha okushiwo wubuholi bale nhlangano esifundazweni kodwa amagatsha yiwona anezwi lokugcina njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi okulindeleke ibe ngoDisemba.
UDkt Dlamini Zuma ubekhuluma nabezindaba emva kokuthi ubehambele umcimbi wokuvula ngokusemthethweni imibhalo yokuhlonishwa kwakhe, amaqhawe omzabalazo nabanye osomabhizinisi okwenziwe yisikole, i-Windy Heights Primary, esiseMalukazi, izolo.
“Anginayo inkinga. Abantu banelungelo lokuzikhethela ngakho i-ANC isifundisile ngentando yeningi. Amagatsha azosho akufunayo nobuholi ezingeni lezifunda nobesifundazwe kodwa ekugcineni okushiwo amagatsha yikhona esizokuhlonipha. Ukube okushiwo ubuholi esifundazweni kuyizwi lokugcina, lokho ngabe kusho kuthi asikho isidingo sokuthi amagatsha ahlale,” kusho uDkt Dlamini Zuma.
Usho lokhu nje i-ANC KwaZulu-Natal, esithangamini nabezindaba sakamuva, isanda kuphumela obala iqinisekisa ukuthi lesi sifundazwe seseka igama likaDkt Zweli Mkhize kwesokungenela umjaho wesikhundla sikamengameli wenhlangano.
Yize ukwembulwa kwamagama okuhlonipha abayishumi kulesi sikole, okubalwa naye uNksz Dlamini Zuma oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC aphinde abe wuNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa nokuBambisana nobuHoli boMdabu kuzwelonke, bekumele kwenziwe wuNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo esifundazweni, uNksz Mbali Frazer, njengoba igama lakhe liqoshiwe ematsheni, kodwa ugcine engafikanga futhi asikho isixoliso okuthiwa usifakile.
Akufikanga namunye obemele lo mnyango kulo mcimbi yize uthishomkhulu wesikole, uNksz Thembekile Makhanya, eqinisekise ukuthi izimemo zithunyelwe emnyangweni kaNksz Frazer futhi waqinisekisa ukuthi uzobakhona.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uNksz Frazer ubengazi lutho ngalo mcimbi ngakho ubematasa neminye imisebenzi ethinta umnyango wakhe.
“Esingakusho ukuthi siyasibonga kakhulu isikole ngokuqhamuka nohlelo lokuhlonipha abantu abaneqhaza elibaluleke kakhulu emphakathini. Lokhu sikushayela ihlombe siwumnyango,” kusho uMahlambi.
Phakathi kwabahlonishiwe kwaqanjwa ngabo izakhiwo zesikole wuDJ ohlonishwayo, uNkosinathi Maphumulo odume ngelikaBlack Coffee, usomabhizinisi ongumnikazi waMaZulu FC, uMnuz Sandile Zungu, yimbongi engumbhali wezincwadi nosomlando, uDkt Gcina Mhlophe, umhleli wemidlalo yeshashalazi, uMnuz Edmund Mhlongo, wumndeni wakwaFayers okuthiwa wanikela ngendawo okwakhiwe kuyo isikole, amaqhawe omzabalazo, uNkk Florence Mkhize, uNkk Charlotte Maxeke noNkk Katie Mannya- Makhanya.