IHLOSE ukukhuthaza abantu abasha ukuba basebenzise amakhono abo ngenhloso yokuziphilisa inkampani egxile kwezokuthutha, iMawande Tours.
Lokhu kuvezwe ngumsunguli wayo, uMnuz Mawande Bekwa, njengoba bezosebenzisa inyanga yabantu abasha ukubakhuthaza ukuthi basebenzise amakhono abo, ikakhulukazi omculo nezemidlalo.
Uthe uyakholelwa kakhulu ekutheni abantu abasha kumele babhukule benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi baphila impilo ekahle.
Uveze ukuthi yingakho behlele umncintiswano abawubiza ngokuthi yiMagabheni Street Games.
Uthe le midlalo izodonsa izinsuku ezimbili, umhlaka 15 no-16 kuJuni. Uthe amaqembu amathathu azonqoba azoklonyeliswa ngesamba esithile semali.
Uthe ngale midlalo bazobe bekhumbula uSibusiso Mseleku owayewuqweqwe lwentatheli yezemidlalo.
"Sihlose ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha ababi wuvanzi. Futhi sifuna ukubakhuthaza ukuthi bangaziphilisa besebenzisa amakhono abo,'' usho kanje.
Uthe minyaka yonke bajwayele ukuthi kube khona abakwenzela abantu abasha njalo uma kuyinyanga yabo.
Uveze ukuthi kule midlalo kuzobonakala oDJ abehlukene. Nalapho uthe bayethemba ukuthi kuzohlwanyeleka imbewu yokungena emculweni kubantu abasha bakule ndawo.
"Sifuna ukukhuthaza abantu abasha ukuthi bangagcini nje kuphela ngokufuna amathuba omsebenzi kodwa bazi ukuthi bangaziphilisa ngethalente abanalo,'' usho kanje.
Le nkampani izophinde ihambele izikole ezehlukene inikele ngomfaniswano wesikole iphinde ikhuthaze abafundi.
Phakathi kwezikole ezizohanjelwa yiSidelile High School yaseMgabeni, iMagabheni Primary noPhapheni Primary. Bazobe behamba noScelo Mncube wezinkulumo ezakhayo.