SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komlingisi wemidlalo yoKhozi FM uSizakele “Siza” Mkhize.
Le ntokazi eyake yasakaza esiteshini somphakathi saseThekwini, Izwi Lomzansi 98.0 FM futhi ebidlala indawo kaMiss Msane emdlalweni woKhozi othi Buchitheke Bugayiwe, udlule emhlabeni esibhedlela sasePhoenix iMahatma Gandhi Memorial ngoLwesihlanu. Uyise uMnuz Dinga Mkhize uthe uSiza (29) ubengeniswe kulesi sibhedlela exinwe ukugula okumphathe isikhashana. Kwababhonge emswanini ngokushona kukaSiza, uzakwabo uNosipho “Pho” Khuzwayo olingisa indawo kaWelile kuBuchitheke Bugayiwe.
“Ahh Nkosiyami! Ubephiwe futhi enomfutho kodwa ezothile. Uma kukhona yena e-studio bekuhlale kuhlekwa ngoba ubenamancoko njalo. Sizobonakala nje isikhala sakhe,” kusho uNosipho. Nomunye uzakwabo uSlungile ‘Slu’ Kaula uthe ugqemeke udume ngoba ubebambisene noSiza ngisho nasemkhakheni wamabhizinisi.
“Sihambe kakhulu, sizama impilo engcono, siphusha makuphusheka, siphinde sihluleke kodwa singapheli umoya.” USlu uthe waqala ukwazana nomufi ngesikhathi besasakaza kwiZwi Lomzansi, ebizwa ngoDessert.
Uthe namanje kuselukhuni kuyena ukwamukela ukuthi uSiza akasekho emhlabeni. Nosakaze noSiza kwiZwi Lomzansi, uCindy Halfpynt Shezi, uthe uSiza ubeyintokazi ekhululekile, enothando nokuxhumaneka kalula nayo ngisho nomuntu ebingamazi.
“UJehova ngicela aqinise umndeni, izihlobo nabangani, abaphe induduzo ephelele,” kusho uHalfpynt.
USiza ngowaseMathinini KwaNgoqokazi, eNanda, kanti ufunde eRosehill, wadlulela eSacred Heart Secondary eVerulam ngaphambi kokwenza izifundo zeSpeech & Drama eDurban University of Technology.
UMkhize uthe indodakazi yakhe izofihlwa emathuneni aseNanda ngemuva kwenkonzo yomngcwabo ezokuba KwaNgoqokazi ngeSonto.