AKHALA ayazithulisa amalungu ebandla lamaNazaretha aseBuhleni, emva kokuphuma kwencwadi ewayalela ukuthi akhokhe umnikelo wokunyuka intaba eyingcwele iKhenani, yize engeke ayinyuke kulo nyaka ngenxa yemigomo yeCovid-19 engavumeli ukuhlangana kwabantu abaningi ndawonye.
Amalungu ebandla angathandanga ukudalulwa, athe lesi senzo singukuwabamba inkunzi emini, ekubeni kwawona ebhekene nenkinga yokulahlekelwa yimisebenzi nokushonelwa yizihlobo zawo ngenxa yeCovid-19.
Kule ncwadi okusolakala ukuthi iphume ngemvume yomholi wakhona uNyazilwezulu (Isolezwe ngeSonto elinekhophi yayo), amalungu ahlukaniswe ngokwezigaba zawo nemali okumele ayikhokhe.
Kuthiwa awaxhumane nabashumayeli bawo emathempelini, okuyibona abazoyiqoqa le mali okuthiwa ingumnikelo.
Kuyona kuvela ukuthi Inhlalisuthi ngayinye kumele ikhokhe uR50 ukuze kubhaliswe igama layo, uR15 wokubingelela intaba neshumi lenhlambuluko.
Ingudlungudlu (omama benkonzo) kuthiwa abakhokhe oR20 umuntu ngamunye ukuze kubhaliswe amagama abo, kube uR15 wokubingelela intaba netshe, neshumi lenhlambuluko.
Amakhosazana kuthiwa mawakhokhe ishumi ukuze kubhaliswe amagama awo, kube uR15 wokubingelela intaba neshumi lenhlambuluko.
Ngasekugcineni kwale ncwadi amakholwa aphinde ayalelwe ukuthi akhokhele nezindlu zangasese ezisetshenziswa ngamakholwa uma esentabeni. Ezindlini zangasese, Inhlalisuthi ngayinye kuthiwa ayikhokhe uR50, Ingudlungudlu kube uR30 umuntu ngamunye bese kuthi Amakhosazana akhokhe ishumi umuntu ngamunye.
Elinye lamalungu aseBuhleni elingathandanga ukudalulwa, likhuze ibhadi ngalesi senzo lathi ibandla lalo liqola amakholwa.
“Kumanje sibhekene nenkinga yokushona kwabesifazane emathempelini abahaqwe yiCovid-19 ngesikhathi besenkonzweni yomama ebizwa ngo-14, ebingoDisemba. Akekho okhuluma lokho kodwa kufunwa imali kubantu. Njengelungu lebandla ngiyazi ukuthi kayikho into esatshalaliswayo ebandleni kungavumile umholi. Iyasikhathaza lento ngoba kumele engabe wuyena umholi wethu osiza abantu ezinkingeni ababhekene nazo ngenxa yeCovid-19 kodwa kunalokho ubona kumele sinike yena imali,” kusho leli kholwa.
Elinye ikholwa nalo elingathandanga ukudalulwa, lithe iyabadida le nto eyenzekayo ngoba akuyiwa nasentabeni kulo nyaka.
“ Noma kuyiwa khona kuvamise ukuthi kukhokhwe oR5 kuphela umuntu ngamunye, kunikelelwa intaba. Kulokhu sinikelela yiphi intaba njengoba singayi nje kuyona? Kwabona abashumayeli bazoyiqoqa kanjani imali kubantu njengoba kuthiwa asihlale emakhaya ngenxa yeCovid edla lubi? Ngisho nabakhokheli abanelungelo lokuqoqa iminikelo bangomama abadala, okuyibona abashona kakhulu kulezi zinsuku ebandleni ngenxa yalolu bhubhane. Emva kwenkonzo yomama ebingoDisemba sekushone inqwaba yomama abebehambele le nkonzo. Cisho emathempelini sekungcwatshwe abesifazane abangaphezu kwabahlanu ithempeli ngalinye, bebulawa yiCovid,” kusho lo mzalwane.
Omunye umthombo uthe amaNazaretha aseBuhleni ashona kangaka nje kunenkolelo engekho ekhona, yokuthi abantu ababeye eNtabazwe ngo-2019 ngeke ibangene iCovid-19.
“Bazikhohlise ngento engekho, yingakho singcwaba wonke amasonto manje. Abanye bebeshintshana ngezimbomu emathempelini, besho nokuthi akukho Covid yabangena bona ngoba banesimfonyo sabo esiwuNyazi. Le nto iwadukisile amaNazaretha njengoba eseshona kangaka manje. Sesixakwa nayile yokuthi kumele sinikelele intaba sibe singayi nakuyona,” kusho umthombo.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe naye useyibonile incwadi eyalela amakholwa ukuthi akhokhe iminikelo.
“Wubugebengu lobu obenzekayo engingenasiqiniseko sokuthi buvelaphi. Njengoba izwe likuthaqa baningi osomathuba abasebenzisa igama lebandla ngendlela engekho emthethweni. Uma kungukuthi kuyiqiniso ukuthi ibhalwe ngabaholi bebandla, ngicela sicabangeleni abantu. Laba abenza kanje, bafuna ukufaka inkosi enkingeni ngoba kayikaze isho njalo,” kusho uMncwabe.
Kwenzeka lokhu nje icala lombango wobuholi bebandla lamaNazaretha libuyela eNkantolo yoMthethosisekelo ngoFebhuwari 2. Kulokhu kuzobe sekuphela ngombango osenkantolo phakathi kweThembezinhle nabaseBuhleni.