BASABISA ngokuphonsela inselelo ukumenyezelwa kweNkosi ezohola isizwe KwaMenyezwayo naseMambulu, eMabomvini ngaseKranskop, abomndeni wayo.
INkosi Mpendulo Dumezweni Thandolwami Ngubane (20), ibekwe ngokusemthethweni uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal kuleli sonto.
Selokhu kwakhothama iNkosi Khomba Ngubane ngo-2016, lobu bukhosi bebulokhu bubanjwe indodana yakhe uMnuz Nqubeko Ngubane.
Izolo kuthintwa iNkosi uNgubane, icele unina uNdlunkulu Thabisile Ngubane uMaZuma ukuba ayikhulumele.
“Kuyiqiniso ukuthi uMpendulo ubekiwe ngokusemthethweni ukuba inkosi yaseMabomvini. Izolo (ngoMsombululo) besibizwe umnyango, sihamba nomndeni. Kumenyezelwe ngokwezifiso zenkosi eyakhothama ukuba abekwe (uMpendulo) njengenkosi esizophatha. Njengoba esebekiwe ngokusemthethweni uzoqala enze umsebenzi. Ngokomnyango bathe kuzolandelwa uhlelo lokuba isizwe saziswe ngalokhu. Okwamanje akuvumelekile ukuba kubizwe abantu bahlangane ndawonye ngenxa yegciwane iCorona. Isigungu seNkosi naso besingakabikelwa ngokubekwa kwayo. Kuzothunyelwa izincwadi saziswe njengoba kungavumelekile ukuhlangana. Siyathemba ukuthi uma sekuphume nakwabezindaba abantu bazobe sebekwazi ukuthola lolu lwazi,” kusho uNdlunkulu Ngubane. Uthe njengoba indodana yakhe isithatha ubukhosi ufisa kube khona ukusebenzisana nesizwe ukuze sithuthuke.
“Ngokwendlu yami sijabule kakhulu ngesinqumo sokuba kulandelwe izifiso zenkosi (uKhomba). Siyafisa ukuthi kube nokusebenzisana emndenini nasemphakathini inhloso ukuba isizwe sithuthuke siye phambili.” Indodana yakhe uthe ibingakashadelwa.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa elithinte Isolezwe lithe bona abahambisani nokubekwa kwale nkosi njengoba behlela ukusiphonsela inselelo isinqumo.
“Ngokwethu sinezikhalo ngefa (elabhalwa iNkosi uKhomba) elabeka yena (uMpendulo) ukuba abe inkosi. Sikholwa ukuthi bekumele inkosi ivele kunkosikazi wesibili uMaNgcamu okunguye owalotsholwa isizwe. Unina wenkosi ebekiwe wathinteka emacaleni okubulala ilungu lomndeni (umfowabo weNkosi uKhomba) ngakho asivumi. Kusimangazile nokuthi Inkosi ekhotheme yabhala uNdlunkulu uMaZuma ukuba aklame ifa. Sihlela ukuphonsela inselelo ifa nesinqumo somnyango sokubeka inkosi,” kusho umthombo.
Umndeni ukhale nangokuthi awazi ukuthi le nkosi ebekiwe ihlala kuphi benonina njengoba isigodlo senkosi KwaMambulu, sashiswa undlunkulu esaboshiwe. UNdlunkulu waphuma phambili emacaleni ayebekwe wona.
Incwadi ebonwe Isolezwe ivela kuMnyango, ibibongela inkosi Mpendulo, isho ukuthi iyamhalalisela, ithemba nokuthi uzohola isizwe aphinde asebenzele umphakathi ngenkuthalo. Incwadi ibisayinwe ngo-Juni 28 2021.
Kubuyelwa eNkosini ebekiwe, ngalezi zinsongo, isitatimende sayo sithe:
“Bakhona abakuphikisayo ubukhosi kodwa isinqumo bese sithathiwe,sebengaya enkantolo,”
INkosi uKhomba yayinamakhosikazi amathathu, uMaKhumalo, enengane eyodwa intombazane , uMaNgcamu wathola eyodwa umfana, uMaZuma wathola ezine, umfana oyedwa namantombazane amathathu. Obekwe ebukhosini umagcino kubafana. Enye yomfana, iNkosi uKhomba wayithola entombini. Ziyisikhombisa izingane zakhe.
Kuthintwa iSekela likaSihlalo wekomiti leNkosi uMnuz Sazi Mhlongo uthe:
“AboMnyango bangifonela bathi bacela umhlangano ukuze bezosibikela ngodaba lwenkosi.Ngokwethu sizolinda umndeni usazise ngasebevumelane ngako ngokubekwa kweNkosi.”
Okhulumela uMnyango uMnuz Senzelwe Mzila uthe balinde ukuyokwethula udaba lwenkosi esizweni basavinjwe imithetho kathaqa.