KUHLUKENE imibono kwabamaqembu ezepolitiki ngokuqhubeka kwezigaba zikathaqa njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basemakhaya okulindeleke ukuthi lube ngoNovemba 1.
Lokhu kuvela emva kokuthi uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ngeSonto, ememezele ukuthi elakuleli selehlele esigabeni sesibili sikathaqa kulandela ukwehla kwezibalo zabahaqwa ubhubhane iCovid- 19.
Esitatimendeni sayo, i-EFF ithe iyaphikasana nokuthi elakuleli lingavulwa ngokugcwele njengoba kuzophazamisa kakhulu ukuthi amaqembu akhankase ngokukhululeka.
“Sizoqhubeka nokukhankasa ngokusemandlleni ethu akekho umuntu ozobuyiselwa emuva kuthiwa akangabambi iqhaza ezinhlelweni zokhetho zaleli qembu ngenxa yalo thaqa ongenasizathu, “kubhalwe esitatimendeni.
Leli qembu ligcizelele ukuthi alisazihluphi ngokubamba imihlangano okuboniswana kuyo ngezigaba zikathaqa, iveza ukuthi ngeke ibambe iqhaza namaqembu epolitiki avumelana ngokuthi azokhankasa ngaphansi kukathaqa onganesidingo.
I-DA ithe nakuba ikwamukela ukuthi elakuleli lehliselwe esigabeni sesibili, kodwa uRamaphosa kumele acacisele abantu kahle ukuthi kungani kumele uthaqa uqhubeke.
“Sinxusa umengameli ukuthi adalule usuku azozibophezela ngalo ukuqeda lo thaqa. Kumele adalulele iKhabhinethi yakhe okudingeka kuhlangatshezwane nakho ukuqinisekisa ukuthi elakuleli liyaphuma ngaphansi kwesimo senhlekelele, ukuze wonke umuntu abe yingxenye yesinqumo,” kusho umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen.
I-IFP ikwamukele ukubuyiselwa kwaleli esigabeni sesibili.
Okhulumela leli qembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe ukuxegiswa kwemigomo kuzovumela ukuthi leli qembu likwazi ukukhankasa ngokukhululeka.
“Nakuba sikwamukela ukuxegiswa kwemigomo, kodwa sinxusa ukuthi kuqinisekiswe ukuhlonishwa kwemigomo yezempilo nokuvikelwa kwabantu bakuleli. Isivuvu sesithathu salolu bhubhane asikapheli ngakho leli gciwane lisekhona. Sigqugquzela ukuhlonishwa kwemigomo enjengokugqokwa kwezifonyo nokuiqhelelana ibanga eliphephile,” kusho uHlengwa.
UDkt Makhosi Khoza onguSihlalo we-Action SA KwaZulu-Natal uthe ukwehliselwa esigabeni sesibili kwelakuleli kuzosiza kakhulu ukuqinisekisa ukuthi umnotho ubuyela esimeni esejwayelekile.
“Izibhelu zakamuva nokutatshwa kwempahla kwalimaza amabhizinisi amaningi. Ukwehliselwa kwezwe kulesi sigaba kuzokwenza amabhizinisi asebenze isikhathi esithe xaxa okuzoba nomthelela ongcono emnothweni. Siyi-Action SA siyasemukela isimemezelo sikamengameli,”kusho uDkt Khoza.
UMnuz Canaan Mdletshe we-NFP uthe nakuba bebengathanda ukuthi umengameli alehlisele okungenani esigabeni sokuqala izwe, kodwa bayakwamukela ukuthi okungenani kube nokuxegiswa kweminye imigomo.
“Kuzosilimaza kakhulu uma sikhankasa noma sibamba imihlangano sinxenxa abantu ukuthi bavote. Iqembu lethu linabantu abathembele kulo abadala abangekho ezinkundleni zokuxhumana abathembele emikhankasweni yokubonana ubuso nobuso. Noma kunjalo, kungcono ukuvunyelwa ukuhlangana kwabantu abangu- 500 kunalesi sibalo ebesisibona phambilini,” kusho uMdletshe.